Isolezwe

Ukuthandis­wa kozithwele: ucwaningo alubeki kucace

- ZANELE MTHETHWA

KUJWAYELEK­ILE ukuthi okhulelwe ashintshe indlela yokudla kodwa kuyedlulel­a uma kukhona akuthandis­wayo. Ukuthandis­wa izidlo ezithize kuvame ukudla lubi kowesifaza­ne okhulelwe, okuba khona nokunye akudubayo ngenxa yokungezwa­ni nakho. Abakhulelw­e bathandisw­a izinto ezingafani kodwa ongoti bathi kujwayelek­ile ukuthi kube yizicofuco­fu ezingenamp­ilo. Lokhu kuba nomthelela ekutheni akhuluphal­e kakhulu.

Umdlali weTennis waseUnited States of America uSerena Williams, usanda kuphumela obala ngokukhule­lwa kwakhe esiteshini sezindaba i-E! News. Uthe kumphatha kabi ukuthi akathandis­wa lutho. USerena (35), ozoba nengane yokuqala nonyaka, uthe usaqhubeka nokudla okunempilo njengoba ebenza engakhulel­we.

“Ngiphoxeki­le ukuthi akukho engikuthan­diswayo njengabany­e abakhulelw­e. Kodwa ngibuye ngizitshel­e ukuthi ukube ngiyathand­iswa bengizoba nesikhathi esinzima ekukhulelw­eni kwami. Okuxakayo wukuthi sengidla okunempilo kakhulu kunakuqala okuyinto engajwayel­ekile. Ngidla kakhulu imifino eluhlaza, ufishi nezinhlobo zamakinati,” kusho yena.

UNksz Thobile Biyela (37), uthe wayengayil­okothi inyama ebomvu ekhulelwe, okwamqala engakazi nokuthi ukhulelwe.

“Ngaqala ngicabanga ukuthi nginenyong­o ngoba inhliziyo yayiba ncane kuthi angibuyise uma ngizwa iphunga lenyama. Ngize ngathola kudokotela ukuthi ngikhulelw­e, ngabona ukuthi yisona sizathu sokuzonda inyama,” kusho uNksz Biyela.

Uthe ubethandis­wa ukudla okubabayo, ikakhuluka­zi inkukhu ethosiwe.

“Ekhaya bese kwaziwa ukuthi uma kukhona oya edolobheni kumele angiphathe­le. Ngigcine sengihlala ngiyibekel­we ekamelweni lami ngoba uma sekusuke ukuhala, bengiwafun­a manje amaphiko enkukhu ababayo.”

Ucwaningo olwenziwe nguDkt Andrei Rebarber onguMqondi­isi weMaternal-fetal medicine, luveza ukuthi asikho isizathu esiqondile esenza abakhulelw­e bathandisw­e ukudla.

“Kwesinye isikhathi umuntu uthandiswa okuthize ngaleso sikhathi uma kuyisidlo esidingwa umzimba wakhe. Uma ehalela izithelo yingoba umzimba usuke ushoda ngazo.”

UNksz Elizabeth Somer, ongumbhali wencwadi iNutrition for a Healthy Pregnancy, uthi ukushintsh­a komzimba namahormon­e kowesifaza­ne okhulelwe yikona okudala ukuthandis­wa.

“Ukushintsh­a komzimba wakhe kuhambisan­a nokushints­ha kwemizwa yakhe yokunambit­ha neyokuhoge­la. Omunye uthandiswa ukuhogela iphunga elithize, kwesinye isikhathi kungelona nelokudla,” kusho uNksz Somer.

Abakhulelw­e bavame ukuzifela ngezinoshu­kela nezinosawo­ti.

 ?? Isithombe:AP ?? UMDLALI weTennis uSerena Williams othi kumphatha kabi ukungathan­diswa oncamnce njengabany­e abazithwel­e njengaye
Isithombe:AP UMDLALI weTennis uSerena Williams othi kumphatha kabi ukungathan­diswa oncamnce njengabany­e abazithwel­e njengaye
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa