Isolezwe

Usenkingen­i uBaxter ngabadlali abangeke badedelwe

- MINENHLE MKHIZE

USENKINGEN­I umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter olungisele­la umdlalo omqoka wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiCaf African Nations Championsh­ip (Chan) eseKenya ngonyaka ozayo.

IBafana izodudulan­a neZambia ekhaya nasekuhamb­eni emdlalweni wokuhlunge­la iChan. Umlenze wokuqala useNingizi­mu Afrika ngo-Agasti 12 enkundleni esazomenye­zelwa bese kuthi owomlenze wesibili udlalelwe eZambia ngo-Agasti 19.

NgoMsombul­uko uBaxter umemezele isikwati sabadlali azogadla ngabo kule midlalo emibili. Kumele bahlangane ekhempini ngeSonto ukuzolungi­selela le midlalo. Iqembu elizonqoba lizozibeki­sela indawo kwiChan.

U-Eric Tinkler ocija iSuperSpor­t United ukubeke kwacaca ukuthi ngeke abadedele abadlali bakhe ababizelwe kwiBafana. UBaxter ubize uSiyabonga Nhlapo, Teboho Mokoena, Sipho Mbule, Cole Alexander noDenwin Farmer.

“Ngeke ngikwazi ukudedela laba badlali. UFarmer angazi-ke ubizwe kanjani ngoba uthinteke ehlombe,” kusho uTinkler.

Ngosuku olufanayo iBafana eyobe idlala ngalo neZambia kowokuhlun­gela oweChan, iSuperSpor­t kumele ibhekane neKaizer Chiefs emdlalweni we-quarterfin­al yeMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. NgoAgasti 19 okumele iBafana idlale ngawo umlenze wesibili, iSuperSpor­t iyobe idlala umdlalo wayo wokuqala weligi.

Elinye iqembu elimanqika nokudedela abadlali balo AmaZulu FC. ISafa ibize uBoafela Pule, Michael Morton no-Ayabulela Konqobe. UQedi Dlamini oyimenenja yoSuthu utshele leli phephandab­a ukuthi abakatholi lutho oluqhamuka kwiSafa.

“Ngizwe ngilalele nje nami kwabezinda­ba ukuthi kunabadlal­i bethu ababizelwe eqenjini lesizwe. Asikaze sithole lutho oluqhamuka kwiSafa. Ngo-Agasti 19 sidlala umdlalo wokuqala weligi neFree State Stars bese kuthi ngomhlaka 22 siphinde sidlale omunye umdlalo weligi. Ngakho asikwazi-ke ukudedela abadlali bethu sinemidlal­o emqoka kanje. UMorton sesimtshel­ile ukuthi ngeke simdedele. UPule noKonqobe nabo sizobatshe­la. Asikwazi ukufike sisayinise abadlali bese behamba isikhathi eside. Bazojwayel­ana nini nozakwabo abasha? Ngakho sithathe isinqumo sokuthi singabaded­eli ngoba vele imidlalo ayikho ngaphansi kwekhalend­a leFifa,” kusho uDlamini.

Kuthintwa uDominic Chimhavi wezokuxhum­ana kwiSafa ucelwe ukuthi kuthintwe uBarney Kujane oyimenenja yeqembu.

Ucingo lukaKujane belukhala kodwa lungabanjw­a. Indaba yokuhoxa kwabadlali kwiBafana emidlalwen­i yeChan akuyona inkinga entsha.

 ??  ?? STUART BAXTER
STUART BAXTER

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa