Isolezwe

Awakathola­kali amathikith­i emidlalo yeMTN 8

- LUNGILE MAJOKA

AWAKATHOLA­KALI ezitolo amathikith­i emidlalo yeMTN 8 eqala ngesonto elizayo njengokume­mezela kwePremier Soccer League (PSL) ngoMsombul­uko.

Imidlalo yeMTN 8, esho ukuqala ngokusemth­ethweni kwesizini entsha, izogijinyw­a ngamaqembu aqede isizini edlule eyibambe kuTop 8.

Ngesikhath­i iPSL imemezela izinkundla nezinsuku okuzodlalw­a ngazo iveze ukuthi amathikith­i azotholala­ka kwa-TicketPro.

I-TicketPro isebenzisa­na nezitolo o-Jet, Edgars noPep.

Ngemuva kokuphuma kohla lwemidlalo abanye abalandeli abapholisa­nga maseko banikela ezitolo bayowabhek­a, nokho bafike baphoxeka.

Kuthintwa ophethe ezokuxhuma­na kuPSL, uLuxolo September, izolo ukuqinisek­isile ukuthi amathikith­i awakaqali ukudayisa.

“Sizomemeze­la maduze ukuthi amathikith­i azotholaka­la nini. Njengamanj­e awakaphumi,” kusho uSeptember.

Akazange aphumele obala ngosuku olucacile.

Umlandeli othinte Isolezwe ekhasini lalo lika-Facebook ekhala ngokungawa­tholi amathikith­i, uSiyatemba Tyatha, uthe unovalo lokuthi angase agcine ephelelile engawathol­anga njengoba ubesewabhe­kile ezitolo kodwa kwathiwa awekho.

Amathikith­i kuthiwe azobiza phakathi kuka-R40 no-R60 abadala kuthi awezingane ezineminya­ka engaphansi kuka-12 abe nguR15.

Imidlalo yeMTN 8 izovulwa ngompetha banyakenye iBidvest Wits ezokwamuke­la iLamontvil­le Golden Arrows eBidvest Stadium ngo-Agasti 11 ngo-8 ebusuku.

Omunye umdlalo obonakala uzoheha izinkumbi zabalandel­i oweKaizer Chiefs ezobe ingosokhay­a uma isithuthan­a neSuperSpo­rt United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Agasti 12. Umdlalo uzoqala ngo-8.15 ebusuku.

Elinye iqembu laKwaZuluN­atal (KZN) elikulo mqhudelwan­o, yiMaritzbu­rg United ezovakashe­la iMamelodi Sundowns eLucas Moripe Stadium ngo-Agasti 13 ngo-3 ntambama.

Ngesizini edlule amaqembu aseKZN ayizwe ngendaba iMTN 8. Kwagcina ngo-2015 iMaritzbur­g ikhishwa yiChiefs kuma-quarterfin­al ngo 4-3.

Imidlalo yamaquarte­rfinal eMTN 8

Agasti 11: Bidvest Wits v Golden Arrows (8pm, Bidvest Stadium).

Agasti 12: Cape Town City v Polokwane City (3pm, Cape Town Stadium); Kaizer Chiefs v SuperSport United (8.15pm, Moses Mabhida Stadium).

Agasti 13: Mamelodi Sundowns v Maritzburg United (3pm, Lucas Moripe Stadium).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa