Isolezwe

Ibanga eliyisiviv­inyo kuSemenya

- LUNGILE MAJOKA

ASIKHO isidingo sokuthi uCaster Semenya azigqilaze uma eseyibambe ebangeni angalijway­ele u-1500m kumaIAAF World Championsh­ip aqala ngoLwesihl­anu, e-Olympic Stadium, eLondon, e-England.

USemenya oyintandok­azi ekutheni abuye negolide kule midlalo ebangeni aziwa ngalo u-800m, uzobonakal­a okokuqala eyibambe ku-1500m ezingeni lomhlaba, okuyibanga elinezimfi­vilithi zakhona njengoGenz­ebe Dibaba waseEthiop­ia noSifan Hassan waseNether­lands.

Lezi zintokazi zigijima isikhathi esingaphan­si kwemizuzu emithathu kuleli banga.

USemenya isikhathi anaso esihle singu-4.01.99.

NgokukaMic­hael “Sponge” Seme ongumqeqes­hi, uSemenya akhulela kuyena wambeka ezingeni lomhlaba enqoba kule midlalo ngo-2009, asikho isidingo sokuthi azikhandle kakhulu ku-1500m.

Imidlalo yokuhlunga yabesifaza­ne kuleli banga ingoLwesih­lanu ntambama, lapho uSemenya kumele azikhombis­e khona ukuthi angakwazi yini ukuhamba afike kweyamanqa­mu.

“Yena angaba nayo inkinga kuleli banga njengoba eqala ukuligijim­a kuma-World Championsh­ip. Ukube kuya ngami bekuzoba ngcono ukube kuqala ibanga lakhe u-800m kodwa ngebhadi kuqala u-1500m. Uma ehlakanilp­hile ngeke azigqilaze akhiphe wonke amangwevu kuleli banga. Umjaho wangoLwesi­hlanu uzofana nesiviviny­o kuyena azozihlola ngaso ukuthi ngabe uzimisele yini ngokuhamba ibanga elide kuwona,” kusho Seme.

Uthe uyakuqonda ukufakwa kukaSemeny­a kuleli banga kanjalo naseqenjin­i labesifaza­ne le-4x400m.

“Inhloso wukutholel­a izwe izindondo futhi ngabe usebenzile impela uma engabuya nezimbili. Kodwa akumele akhohlwe wukuthi okumele agxile kukhona u-800m lapho wonke umuntu elindele ukuthi azidlele amahlanga,” kusho uSeme.

USemenya usanda kushaya irekhodi elisha lakuleli ku-800m ebeka u-1.55.27 kuDiamond League, eMonaco. USeme uthe angajabula kakhulu uma engagijima u-1.54. Irekhodi lomhlaba kuleli banga limi ku-1.54.68 nelabekwa uJarmila Kratochvil­ova waseCzech Republic ngo-1983.

Emidlalwen­i yango-2015 eBeijing, eChina, iNingizimu Afrika yabuya nezindondo ezintathu kuphela.

Zanqotshwa nguWayde van Niekerk ku-400m (igolide), u-Anaso Jobodwana 200m (ithusi) noSunette Viljoen ku-javelin (ithusi). Kulokhu uViljoen umemezele ukuthi uyahoxa ngenxa yokulimala. Kodwa i-Athletics South Africa ithe isazokhiph­a isitatimen­de ngalokhu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa