Isolezwe

UMORTON UBANGWA AMA-AGENT ADUMILE

-

ISIKHULU saMaZulu FC uLunga Sokhela siyale umdlali omusha woSuthu uMichael Morton osayine ngemuva kokushiya iSuperSpor­t United ngokuthi alungise zinto zakhe. Lo mdlali kubhekwe ukuthi afike enze umehluko enkabeni yenkundla kuMaZulu.

USokhela uqinisekis­ile ukuthi uMorton ubangwa yizimenenj­a ezidumile uMike Makaab weProSport Internatio­nal noSteve Kapeluschi­nk.

“Yebo sikhona isixakaxak­a esikhona ngodaba lukaMorton nabampheth­e. Kumqoka futhi ukuthi lolu daba asheshe alulungise ukuze sikwazi ukugxila ebholeni. Nokho indaba yombango wakhe ngeke isiphazami­se ngoba thina sesiqede yonke into nomdlali. Yena kumele alungise impilo yakhe,” kusho uSokhela.

UMike Makaab uveze ukuthi lo mdlali ungowakhe kodwa akafuni ukukhuluma ngombango. UKapulesch­ink yena unqabile ukuphawula ngalolu daba. Usuthu luphansi phezulu namalungis­elelo okuqinisa iqembu azogadla ngalo ngesizini ezoqala. “Okwamanje ayikho imibandela eqinile esisayibek­ele umqeqeshi (uJoey Antipas). Into esiyibheki­le yiqembu eliqinile elizokwazi ukumelana nengcindez­i yokudlala esigabeni esikhulu. “Abantu kumele bakuqonde ukuthi sizolwa ngayo yonke indlela ukugcina indawo yethu esigabeni esikhulu,” kusho uSokhela. USuthu lusayinise uJabulani Ncobeni, Mhlengi Cele, Sduduzo Dlamini, Siyethemba Mnguni, Siyabonga Mbatha, Ayabulela Konqobe, Boalefa Pule, Morton noSadat Akoriko. Usuthu lusanda kuphumela obala ngesifiso salo sokuthenga uBongi Ntuli osemabhukw­ini eMamelodi Sundowns. “Abadlali esinabo engibathem­bayo ukuthi bazokwazi ukuyibamba ishisa. UNtuli

 ??  ??
 ??  ?? MICHAEL MORTON
MICHAEL MORTON

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa