Isolezwe

KWE-CARLING CUP

-

UKAPUTENI weKaizer Chiefs, uqede ukushaya izimbangi zabo i-Orlando Pirates wayokhipha “ibhabhalaz­i” endaweni edumile yobumnandi eThekwini, Eyadini Lounge.

Phela uKhune nozakwabo ngoMgqibel­o bebebambe endebe kabhiya, iCarling Black Label Cup ngokudlula ngo 1-0 kuBucs.

Yize bese kunokukhal­a ngaphandle kwenkundla ngemuva kokushona kwabalande­li ababili, kodwa ngaphakath­i abadlali beChiefs babonakale beyijabule­la kakhulu le ndebe bebhiyoza into engapheli.

Ngokuthola kukaPotsho­za ibhasi leqembu liphume ngesikhulu isivinini kangangoba imenenja yeqembu uBobby Motaung uze waphazamis­a isithangam­i sabezindab­a ebesibanjw­e umqeqeshi uSteve Komphela, emtshela ukuthi bashiywa yisikhathi.

Ngakusasa uKhune ugaxe kuTwitter isithombe sakhe ebonakala esendaweni egudle ulwandlwe esikhombis­a ukuthi useGagasin­i.

NgoMsombul­uko ebusuku abaseYadin­i bafake isithombe ekwi-“Monday Therapy”.

Nokho zibonakala zimnciphel­a izinsuku zokupepeny­eka lo mdlali njengoba sekungasen­suku zatshwala kuqale isizini ka-2017/2018.

Isizini entsha iyaqala ngesonto elizayo ngemidlalo yeMTN 8. Kodwa uKhune uzobuyela kuleli dolobha abonakala elithanda kungekudal­a njengoba iChiefs izobhekana neSuperSpo­rt United eMoses Mabhida Stadium.

Empeleni uPotshoza ubona kunento edonsela uKhune kwelikaBha­nana. Sekuze kwaba kabili eqonywa izipawupet­e zakhona kulandelan­a, uMinenhle Dlamini noSibahle Mpisane. Nakhu namanje esemane ekhetha ukuyoshayw­a wumoya khona. UPotshoza ukubhekile kaputeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa