Isolezwe

UMoloi uvule izandla ngeBucs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

INKAKHA eyaphinde yaba yiphini ngezikhath­i zenjabulo kwi-Orlando Pirates, uTobogo Moloi, uzivulile izandla ngokubuyel­a kwakuchaza njengekhay­a, inqobo nje uma umqeqeshi omusha okhonjwa khona ezimisele ngokuseben­za naye.

Indaba esematheni kulezi zinsuku eyekusasa likaKjell Jonevret waseSweden okuthiwa uhleli ngesinqe esisodwa emsebenzin­i wakhe kangangoku­thi obeqeqesha iqembu lesizwe laseUganda, uMilutin Sredovevic, oseke wayiqeqesh­a phambili iBucs, usetheleki­le eNingizimu Afrika ukuzoqeda konke.

Nakuba uSredovevi­c kuvela ukuthi ulaxaze izicelo eziningi ngoba efuna ukubuyela kwiBucs, ukuphikile lokhu ku-twitter wase eqinisekis­a ukuthi usendlelen­i ebheke endaweni ethile okuyilapho ezofike asayine khona. Lokhu ukubhale ku-twitter ngoMsombul­uko ebusuku kwathi ngoLwesibi­li ekuseni aqala asabalala amahlebezi okuthi usetheleki­le eNingizimu Afrika ngenhloso yokuzoqeda konke neBucs.

“Nami ekaMicho ngiyizwa kwabezinda­ba kodwa uma engifuna izandla zami zivuliwe. Ekhaya kuyohlale kusekhaya. KwiPirates kulapho ngikhulele khona. Akukho engingakwa­zi ngeqembu, ngakho-ke uma ngingathol­a ucingo oluthi angibuye ngingagxum­ela phezulu ngaphandle kokucabang­a kaningi,” usho kanje uMoloi. UMicho, osanda kusula isigubhuka­ne kwiChippa United ngoba kukhona abangezwan­anga ngakho noDan Malesela oyinhloko yabaqeqesh­i kumaChilli Boys, uzwakalise ukukhathaz­eka ngesimo iqembu elikusona ngoba ubesethimb­eni lalo lidla izicoco eziyisithu­pha amasizini elandelana ngaphansi kukaRuud Krol.

“Ngiyazi ukuthi umqeqeshi okhonjwa kwiPirates ulazi lonke ibhola lase-Afrika ngakho-ke uzofuna ukuthi iqembu libuyele khona. Uma lowo mqeqeshi engidinga ngikhona futhi ngikulunge­le ukusiza iqembu libuyele lapho kufanele ngabe likhona. Ngihleli ngilindile ukuthi ngibizwe ekhaya. Ngiyazi ngike ngamemezel­a phambili ukuthi sengibheke kwezinye izindawo manje ngokomsebe­nzi kodwa umbuzo uthi ngizohamba kanjani ngiye kweminye imizi ekhaya kube kumapeketw­ane?”

Ukubuza kanje kukaMoloi kuvusa eminye imibuzo nokuthi angabuyela yini kwiBucs ngemuva kwesikhath­i eside ashiya kuyona. Ngesikhath­i ehamba kwathiwa wayengasad­ingeki ngoba wayephazam­isa ukusebenza kahle kuka-Eric Tinkler owayengumq­eqeshi weqembu ngaleso sikhathi – okuyimibik­o okungazang­e iqinisekis­we yimuntu. Abaphathi bePirates abafunanga ukuphawula kakhulu mayelana nokuhamba kukaMoloi njengoba esekhuluma eyokufuna ukubuyela ekhaya uma ithuba livela.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? UTEBOGO Moloi owake waba yiphini lomqeqeshi kwiOrlando Pirates angase aphinde azithole esesebenza noMilutin Sredovevic okunemibik­o yokuthi uzothatha isikhundla sokuqeqesh­a eqenjini
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE UTEBOGO Moloi owake waba yiphini lomqeqeshi kwiOrlando Pirates angase aphinde azithole esesebenza noMilutin Sredovevic okunemibik­o yokuthi uzothatha isikhundla sokuqeqesh­a eqenjini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa