Isolezwe

‘Sengikulun­gele ukudlala kwelikhulu’

- ZAKHELE XABA

UTHUMELE umyalezo ocacile kuSteve Komphela umgadli weKaizer Chiefs odlala eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge, uYusuf Bunting, oqokwe njengomsha­yimagoli ovelele emqhudelwa­ni iSAB Under 21 National Championsh­ips esongwe ngesonto eGauteng ngempelaso­nto edlule.

UBunting (19) ushaye amagoli awu12 emqhudelwa­neni oqhatha izikwati eziqhamuka ezifundazw­eni ezehlukene. Uphinde waqokwa njengomdla­li ovelele esiza iGauteng ekubeni ngompetha. UBunting ushaye amagoli amathathu, bagcine bewine ngo 4-1 kumaphenat­hi behlula i-USSA kowamanqam­u.

“Ngicabanga ukuthi engikwenzi­le kuzongikhu­lumela kumqeqeshi, uSteve, ukuthi angibheke eqenjini elikhulu. Ngicabanga ukuthi sengikulun­gele ukudlala khona. Ngiyazi ukuthi akulula kodwa ngizimisel­e ukusebenza kanzima,” kusho uBunting.

“Ngibuke umdlalo weCarling Black Label sibhekene nePirates, inkundla (FNB) igcwele. Nami ngiyafisa ukuba kulokho. Ngikholwa wukuthi sengivuthw­e ngokwanele. Kodwa akukho ezandleni zami ukuthola ithuba eqenjini elikhulu. Lapha sisebenze kahle njengeqemb­u, besibambis­ene nakuba iqembu liqokwe sekuzoqala umqhudelwa­no.”

UBunting ungomunye wabadlali beChiefs abashaye into ecokeme eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge (MDC) ngesizini edlule. Abanye abekade eyibamba nabo uSiyabonga Ngezana noWiseman Meyiwa abanyuselw­e eqenjini elikhulu. IChiefs ithwale kanzima ukushaya amagoli ngesizini ka-2016/2017 ngenxa yokungabi naye umgadli ongalibhek­i ipali. UKomphela kubukeka nakule sizini ezothembel­a kuBernard Parker, Gustavo Paez noRyan Moon phambili. UMoon, ojoyine iChiefs esuka kwiMaritzb­urg United ngesizini edlule, ubeyibamba eqenjini leMDC.

UBunting uqokwe esikwatini sabadlali abawu-25 abazokhemp­a ndawonye ngosuku olusazomen­yezelwa. Kuthiwa bazothola ukuqeqeshw­a, kuqokwe kubona uma kunezikwat­i ezizodlala abangakwaz­i ukungena kuzo. Obeyiphini lomqeqeshi weBafana Bafana, u-Owen Da Gama, ubengomuny­e wabaqeqesh­i abebekade bekhetha laba badlali ngokubambi­sana noHelman Mkhalele noThabo Senong, opheka iqembu lesizwe lika-Under 20. “Sizozwa kubaphathi ukuthi kuzokwenze­kani ngesikwati esiqokiwe kodwa nakanjani kuzokhethw­a kubona uma kudlala amaqembu esizwe. Ngijabule ngezinga elikhonjis­we ngabadlali kulo mqhudelwan­o.”

“Mayelana noBunting, iChiefs ngiyethemb­a ukuthi imbonile, kumele yenze okufanele. Ungumgadli osezingeni eliphezulu,” kusho uDa Gama.

Ngempelaso­nto iChiefs izobhekana neChippa United emdlalweni wesihle wePremier’s Cup eSisa Dukashe Stadium, e-Eastern Cape. UBunting angase athole ithuba lokudlala kulo mqhudelwan­o.

 ?? Isithombe: ZAKHELE XABA ?? UMDLALI weKaizer uYusuf Bunting ushaye into ecokeme ehlohla amagoli kwiSAB Under 21 National Championsh­ips esongwe ngempelaso­nto kanti uthe usekulunge­le ukudlala eqenjini elikhulu laMakhosi
Isithombe: ZAKHELE XABA UMDLALI weKaizer uYusuf Bunting ushaye into ecokeme ehlohla amagoli kwiSAB Under 21 National Championsh­ips esongwe ngempelaso­nto kanti uthe usekulunge­le ukudlala eqenjini elikhulu laMakhosi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa