UTinkler kwelinye ithuba lokugila iChiefs
UMQEQESHI omusha weSuperSport United, u-Eric Tinkler, usethubeni lokufaka uSteve Komphela ocija iKaizer Chiefs kolunye utaku.
Ngo-Agasti 12 Amatsatsantsa a Pitori azodudulana naMakhosi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni we-qaurterfinal yeMTN 8.
Amakhosi afuna isicoco sawo sokuqala kumasizini amabili. Leli qembu sekuphele amasizini amabili lingawini lutho. Lagcina ukuphakamisa isicoco ngo-2015 ngesikhathi limuka nese-Absa Premiership.
Selokhu kwafika uKomphela kwiChiefs ayikaze iwine lutho. UTinkler usemphendule isilo sengubo uKomphela emidlalweni emqoka. Ngo-2015/2016, wamthela othulini uKomphela kuLast 32 yeNedbank Cup. Ngaleso sikhathi iChiefs yayikade isihlulwe emidlalweni emibili yamanqamu futhi ayesemancane amathuba ayo okuwina isicoco seligi.
KwiMTN 8 iChiefs yayikade ishaywe yi-Ajax Cape Town eNelson Mandela Stadium, eBhayi ngo 1-0 kwathi kwifayineli yeTelkom Knockout yabhabhadiswa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 eMabhida. UTinkler wafike waqeda ngoKomphela ngesikhathi esacija i-Orlando Pirates. EZimnyama zanqoba ngo 2-0 wamagoli kaTendai Ndoro. UTinkler yisizini yakhe yesithathu le eqeqesha ezimele. Uqale ukuqeqesha njengephini likaRoger de Sa kumasizini edlule. Basebenze ndawonye kwiBidvest Wits. UDe Sa umlandile ngesikhathi esejoyina iPirates.
Ngemuva kwalokho uTinkler usebenze noVladimir Vermezovic osulile indawo yakhe yathathwa nguyena (uTinkler) kwaze kwaphela isizini. Usihlalo wePirates u-Irvin Khoza wathatha isinqumo sokunika uTinkler ithuba.
Emdlalweni wokuqala weligi ebhekene noKomphela wanqoba ngo 3-1 kwathi emlenzeni wesibili badlala ngokulingana ngo 1-1. UKomphela usamshaye kanye uTinkler. Wanqoba kumaphenathi ngo-2015/2016 kwi-semi final yeTelkom Knockout.
Ngesizini edlule laba baqeqeshi baphinde batholana phezulu ngesikhathi uTinkler esekwiCape Town City. ICity iqhathwe neChiefs ngesizini edlule kwi-quarterfinal yeMTN 8 yanqoba ngo 1-0. Emlenzeni wokuqala weligi la maqembu adlale ngokulingana ngo 1-1 kwathi kowesibili uTinkler waqeda nya ngamathuba eChiefs okuwina isicoco seligi eyihlula ngo 3-2.
Ngo-Agasti 12 unelinye ithuba lokuphinde aphule izinhliziyo zabalandeli beChiefs. ISuperSport iyona futhi ekhiphe iChiefs kwiNedbank Cup ngesizini edlule.