Usenkingeni uBaxter ngabadlali abangeke badedelwe
USENKINGENI umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter olungiselela umdlalo omqoka wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiCaf African Nations Championship (Chan) eseKenya ngonyaka ozayo.
IBafana izodudulana neZambia ekhaya nasekuhambeni emdlalweni wokuhlungela iChan. Umlenze wokuqala useNingizimu Afrika ngo-Agasti 12 enkundleni esazomenyezelwa bese kuthi owomlenze wesibili udlalelwe eZambia ngo-Agasti 19.
NgoMsombuluko uBaxter umemezele isikwati sabadlali azogadla ngabo kule midlalo emibili. Kumele bahlangane ekhempini ngeSonto ukuzolungiselela le midlalo. Iqembu elizonqoba lizozibekisela indawo kwiChan.
U-Eric Tinkler ocija iSuperSport United ukubeke kwacaca ukuthi ngeke abadedele abadlali bakhe ababizelwe kwiBafana. UBaxter ubize uSiyabonga Nhlapo, Teboho Mokoena, Sipho Mbule, Cole Alexander noDenwin Farmer.
“Ngeke ngikwazi ukudedela laba badlali. UFarmer angazi-ke ubizwe kanjani ngoba uthinteke ehlombe,” kusho uTinkler.
Ngosuku olufanayo iBafana eyobe idlala ngalo neZambia kowokuhlungela oweChan, iSuperSport kumele ibhekane neKaizer Chiefs emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. NgoAgasti 19 okumele iBafana idlale ngawo umlenze wesibili, iSuperSport iyobe idlala umdlalo wayo wokuqala weligi.
Elinye iqembu elimanqika nokudedela abadlali balo AmaZulu FC. ISafa ibize uBoafela Pule, Michael Morton no-Ayabulela Konqobe. UQedi Dlamini oyimenenja yoSuthu utshele leli phephandaba ukuthi abakatholi lutho oluqhamuka kwiSafa.
“Ngizwe ngilalele nje nami kwabezindaba ukuthi kunabadlali bethu ababizelwe eqenjini lesizwe. Asikaze sithole lutho oluqhamuka kwiSafa. Ngo-Agasti 19 sidlala umdlalo wokuqala weligi neFree State Stars bese kuthi ngomhlaka 22 siphinde sidlale omunye umdlalo weligi. Ngakho asikwazi-ke ukudedela abadlali bethu sinemidlalo emqoka kanje. UMorton sesimtshelile ukuthi ngeke simdedele. UPule noKonqobe nabo sizobatshela. Asikwazi ukufike sisayinise abadlali bese behamba isikhathi eside. Bazojwayelana nini nozakwabo abasha? Ngakho sithathe isinqumo sokuthi singabadedeli ngoba vele imidlalo ayikho ngaphansi kwekhalenda leFifa,” kusho uDlamini.
Kuthintwa uDominic Chimhavi wezokuxhumana kwiSafa ucelwe ukuthi kuthintwe uBarney Kujane oyimenenja yeqembu.
Ucingo lukaKujane belukhala kodwa lungabanjwa. Indaba yokuhoxa kwabadlali kwiBafana emidlalweni yeChan akuyona inkinga entsha.