Awakatholakali amathikithi emidlalo yeMTN 8
AWAKATHOLAKALI ezitolo amathikithi emidlalo yeMTN 8 eqala ngesonto elizayo njengokumemezela kwePremier Soccer League (PSL) ngoMsombuluko.
Imidlalo yeMTN 8, esho ukuqala ngokusemthethweni kwesizini entsha, izogijinywa ngamaqembu aqede isizini edlule eyibambe kuTop 8.
Ngesikhathi iPSL imemezela izinkundla nezinsuku okuzodlalwa ngazo iveze ukuthi amathikithi azotholalaka kwa-TicketPro.
I-TicketPro isebenzisana nezitolo o-Jet, Edgars noPep.
Ngemuva kokuphuma kohla lwemidlalo abanye abalandeli abapholisanga maseko banikela ezitolo bayowabheka, nokho bafike baphoxeka.
Kuthintwa ophethe ezokuxhumana kuPSL, uLuxolo September, izolo ukuqinisekisile ukuthi amathikithi awakaqali ukudayisa.
“Sizomemezela maduze ukuthi amathikithi azotholakala nini. Njengamanje awakaphumi,” kusho uSeptember.
Akazange aphumele obala ngosuku olucacile.
Umlandeli othinte Isolezwe ekhasini lalo lika-Facebook ekhala ngokungawatholi amathikithi, uSiyatemba Tyatha, uthe unovalo lokuthi angase agcine ephelelile engawatholanga njengoba ubesewabhekile ezitolo kodwa kwathiwa awekho.
Amathikithi kuthiwe azobiza phakathi kuka-R40 no-R60 abadala kuthi awezingane ezineminyaka engaphansi kuka-12 abe nguR15.
Imidlalo yeMTN 8 izovulwa ngompetha banyakenye iBidvest Wits ezokwamukela iLamontville Golden Arrows eBidvest Stadium ngo-Agasti 11 ngo-8 ebusuku.
Omunye umdlalo obonakala uzoheha izinkumbi zabalandeli oweKaizer Chiefs ezobe ingosokhaya uma isithuthana neSuperSport United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Agasti 12. Umdlalo uzoqala ngo-8.15 ebusuku.
Elinye iqembu laKwaZuluNatal (KZN) elikulo mqhudelwano, yiMaritzburg United ezovakashela iMamelodi Sundowns eLucas Moripe Stadium ngo-Agasti 13 ngo-3 ntambama.
Ngesizini edlule amaqembu aseKZN ayizwe ngendaba iMTN 8. Kwagcina ngo-2015 iMaritzburg ikhishwa yiChiefs kuma-quarterfinal ngo 4-3.
Imidlalo yamaquarterfinal eMTN 8
Agasti 11: Bidvest Wits v Golden Arrows (8pm, Bidvest Stadium).
Agasti 12: Cape Town City v Polokwane City (3pm, Cape Town Stadium); Kaizer Chiefs v SuperSport United (8.15pm, Moses Mabhida Stadium).
Agasti 13: Mamelodi Sundowns v Maritzburg United (3pm, Lucas Moripe Stadium).