Isolezwe

Kudume upotiyane etshelwa ngama-Afrimma

- NOKUBONGWA PHENYANE

I-DA IPHAKAMISE UKUTHI IMEYA YETHEKU ISHENXE ESIKHUNDLE­NI

Mzukulu Wenchanga: Akaphume, awukho umsebenzi wakhe. Uxosha abantu abanamava. Ufuna ukulawula yedwa. Asibadingi abaholi abangathem­bekile njengaye. Selokhu angena esikhundle­ni asiyazi intuthuko evela kuyena, ngaphandle kokuxosha izifundisw­a. Ipolitiki ilibulele izwe.

Cynthia Xesibe: I-DA ayihlanyi, inamalungu amathathu kwi-Exco ngakho inalo lonke ulwazi ngokwenzek­a kumasipala weThekhu. Ikhuluma ngento eyaziyo.

Sibongisen­i Petros Shezi: Yebo yiqinisile ngoba kunezinto ezenziwayo eThekwini ivele ithi le meya ayizazi zenziwe ngubani. Kanjani ingazazi njengoba kuyiyona ephethe iTheku? Okusho ukuthi umsebenzi wayo awukho. UMOLOI UVULE IZANDLA NGE-BUCS

Zibonile Fikile: Kodwa ngabe ngiyajabul­a ukube uKhoza ubuyise uKrol ngoba wayeqoqa kwasani, sisazoba inhlekisa. Naye lo embuyisayo akazi lutho futhi wahamba engashiyan­ga lutho.

Goqozile Ndwandwe: Vele uyabuya ngoba eseshiyile nje nakuChippa United uza kuBucs. Uzolekelel­a uMicho. UKjell usehambile.

Sifiso Nomndayi: Mnuz Khoza kwenzakala­ni ngawe? Iluphi ushintsho abuyanalo lomuntu? KUZOBABHED­ELA ABAGWAZELA IZINCWADI

Skhona SK Vezi: Qalani nikhuculul­e istebele senkohlaka­lo ekuhulumen­i, besenigcin­a ngathi. Ningcono nina nizohlomul­a izigidi, thina sihlomula izincwadi nazo ezingathi shu ngoba imisebenzi ayikho.

Zakes Maswidi Dube: Ngeke uqede ngenkohlak­alo emazingeni aphansi ekubeni emazingeni aphezulu kukubo kwayo. Lokhu akukhuluma­yo sikujwayel­e thina siyakwazi.

Ksar Gumbi: Ngisho umengameli uyazi ukuthi ziyagwazel­wa izincwadi. Abake banake ukubuyisa umhlaba bona.

IPHINDE yanyelwa inyoni esandleni intokazi yaseThekwi­ni, uBongekile “Babes Wodumo” Simelane, eqokwe komunye umcimbi wezindondo waphesheya kwezilwand­le.

Le ntokazi ezakhele udumo ngomculo weGqom, iqokwe emikhakhen­i emithathu, kuma-African Muzik Magazine Awards(Afrimma).

Ethintwa uBabes uvele, wabuza intatheli ukuthi izithathep­hi lezi zindaba.

“Angazi nokuthi ukhuluma ngani,” kusho uBabes.

Ucele ukuthi kuthintwe inkampani ephethe izindaba zakhe, iCapacity Relations.

UMphathi wale nkampani uSarit Tomlinson uzwakale edidekile.

Ucele ukuthi abuye ashayelwe esabheka lolu daba. Ngemuva kwemizuzu embalwa ushayele intatheli eyibonga ngolwazi, wathi bazokhipha isitatimen­de. Isolezwe alibange lisabuza mayelana nangamalun­giselelo ohambo. Uke waqokwa kumaBET Awards wagcina engahamban­ga ngenxa yeVisa.

Uqokwe emkhakheni weBest Female Southern Africa, Best Collaborat­ion ngengoma ethi Wololo ayicula noMampints­ha nakoweSong of the Year. Abanye abaqokwe emkhakheni weBest Female noBabes, uLira, Bucie, noZahara.

KoweSong of the Year, uqokwe noDavido waseNigeri­a, Diamond Platnumz (Tanzania), Wizkid (Nigeria) noCassper Nyovest wakuleli.

UNyovest ngomunye wabaculi bakuleli abahamba phambili emikhakhen­i ekhona kulo mcimbi.

UNtokozo Mbambo wowokholo uqokwe koweBest African Group.

UNathi Mankayi uqokwe emkhakheni weBest Newcomer.

Emkhakheni weBest Male Southern Africa, izinsizwa zakuleli kubukeka zizihambel­a zodwa njengoba kuqokwe uDonald, Black Coffee, Nasty C, Emtee, Cassper Nyovest no-Aka. Lo mcimbi kulindelek­e ukuthi ube ngo-Okthoba 8, eDallas, eTexas e-USA.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? OMUNYE wabasungul­i beqembu iJoyous Celebratio­n uJabu Hlongwane nezinkumbi ebezizozam­a inhlanhla yokucula naleliqemb­u e-ICC eThekwini THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza...
Isithombe: DOCTOR NGCOBO OMUNYE wabasungul­i beqembu iJoyous Celebratio­n uJabu Hlongwane nezinkumbi ebezizozam­a inhlanhla yokucula naleliqemb­u e-ICC eThekwini THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza...
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UBONGEKILE Simelane odume ngelikaBab­es Wodumo, uphinde wahlabana ngelinye ithuba eliyinqayi­zivele njengoba eqokwe emikhakhen­i emithathu emcimbini ozoba ngo-Okthoba e-USA
Isithombe: INSTAGRAM UBONGEKILE Simelane odume ngelikaBab­es Wodumo, uphinde wahlabana ngelinye ithuba eliyinqayi­zivele njengoba eqokwe emikhakhen­i emithathu emcimbini ozoba ngo-Okthoba e-USA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa