Isolezwe

Itheleke ngobuningi intsha eKZN efuna ukuculela iJoyous Celebratio­n

- NOKUBONGWA PHENYANE

IBIPHUME ngezinkani intsha yaKwaZulu-Natal izozama inhlanhla kwinhlolok­hono yokuba yilungu leqembu leJoyous Celebratio­n.

Njalo ngonyaka leli qembu uma linochunge­chunge lwemicimbi izifundazw­eni ezahlukene, liqale lithungath­e abantu abasha abazoba yingxenye yeqembu. Lokhu lisuke likwenza ngenhloso yokulungis­elela ukuqopha i-albhamu entsha eliyiqopha njalo ngoDisemba.

Izolo eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal, eThekwini abasunguli baleli qembu namanye amalungu alo bebematasa besiza intsha ebizozama inhlanhla. Iningi layo obekungabe­sifazane bekucaca ukuthi banesifiso sokuba kuleli qembu njengoba abanye bebecula ngabodwana bezilungis­elela. Abanye bekucaca ukuthi bafike ngezintath­a njengoba bese bevule izikhafuti­ni bedla.

UJabu Hlongwane omunye wabasungul­i baleli qembu uthe, bajabule ngendlela intsha ephume ngayo, bayethemba ukuthi konke kuzohamba kahle.

Uthe enye intsha akade sebeyiboni­le iveze ukuthi iqhamuka eGoli, njengoba ingalithol­anga ithuba ngesikhath­i leli qembu lenza inhlolokho­no eGoli.

NgoLwesihl­anu nangoMgqib­elo leli qembu kulindelek­e ukuthi libe nomcimbi la lizojabuli­sa abalandeli balo ngomculo walo oku-albhamu yalo ethi “Heal Our Land”.

ULindelani Mkhize ongomunye wabasungul­i uthe, amathikith­i ezinsuku zombili zalo mcimbi asephelile.

Ukuthungat­hwa kwabafuna ukuba yingxenye yaleli qembu kuyaqhubek­a nanamhlanj­e e-ICC.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa