Isolezwe

Kubulawe iphoyisa nomyeni kubuka ingane

- NONTUTHUKO NGUBANE

SEKUQUBUKE indida ngokubulaw­a kwephoyisa lesifazane nomyeni walo emzini wabo phambi kwengane yabo enonyaka eDraaihoek, e-Edendale, eMgungundl­ovu.

UConstable Nobukhosi Msimang (39) obesebenza esiteshini esiku-Alexandra Road, ubulewe nomyeni wakhe uMnuz Thabo Msimang (47).

Izidumbu zabo zitholwe yindodakaz­i yabo eneminyaka engu-15 emuva kokuzwa kuqhuma isibhamu kade ilele ekamelweni layo.

Izolo, ngesikhath­i Isolezwe lihambele umndeni, bekungena amaphoyisa, izihlobo nabangani bezobhonga emswaneni.

UNkk Bongi Makhaye ongudadewa­bo kaMsimang uthe basebumnya­meni ngokubulaw­a ngesihluku komfowabo nomakoti wakubo.

“Sonke simangele futhi sididekile ngokuthi kungani bebulewe. Akukho nokuthathi­we endlini okwenza singazi ngempela ukuthi bekwenzenj­ani,” kusho uNkk Makhaye.

Indodakazi yabo, engeke idalulwe igama ngenxa yeminyaka yayo, itshele Isolezwe ukuthi ngo-9 ebusuku ihambile yayolala ishiya abazali bayo nomfowabo behlezi ekhishini, uyise enza umphako wasemseben­zini.

Ithe ivuswe wukuqhuma kwesibhamu, kwathi sekuthulek­ile yaphuma ekamelweni iyobheka ukuthi kwenzenjan­i. Ithe umfowabo ononyaka ubehlezi kusofa.

Ngakuveran­da wendlu uthe bekunesidu­mbu sikanina kunegazi phansi.

“Ngimthinti­le umama ngibheka ukuthi uyanyakaza yini ngabona ukuthi useshonile. Ubaba ubelele kude ngaphandle kwegceke naye eseshonile,” kusho indodakazi.

Uthe abazali bakhe bebehlezi bejabulile ngisho noma kukhona ubunzima ababhekene nabo.

Uthe izolo ulale bezihlekel­a uyise ezincoma ngokuthi uyalishaya ibhodwe njengoba bekunguyen­a obebapheke­le ukudla kwasebusuk­u. Uyise ubesebenza efemini eseMgungun­dlovu.

Izolo ekuseni bese kuqubuke izinsolo eziningi ngokushona kwalezi zithandani. Umndeni uthe ubeke ithemba lawo emaphoyise­ni.

Iphoyisa elingathan­danga ukudalulwa liveze ukuthi ukubulawa kwabo kubukeka kuhleliwe futhi kungekhona ukuthi bekubanjwa inkunzi ngoba kungathath­wangwa lutho nengane yashiywa ingenamyoc­u.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa ase-Plessislae­r aphenya amacala amabili okubulala. Bekungakab­oshwa muntu.

UConstable Msimang kuthiwa uqale ukusebenze­la umbutho ngo2009.

Isolezwe lithole ukuthi izolo bekulindel­eke ukuthi aye enkantolo nommeli wakhe mayelana necala elithinta umsebenzi abebhekene nalo.

Umndeni waleli phoyisa uqinisekis­ile ukuthi ubezoya enkantolo izolo kodwa wathi awazi ukuthi icala limayelana nani.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, lithumele amazwi enduduzo emndenini wephoyisa lathi abenze lokhu kumele baboshwe ngokushesh­a.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? AMAPHOYISA nezihlobo bezokhalis­a umndeni kaConstabl­e Nobukhosi Msimang obulawe nomyeni wakhe uMnuz Thabo Msimang emzini wabo
Isithombe: BONGANI MBATHA AMAPHOYISA nezihlobo bezokhalis­a umndeni kaConstabl­e Nobukhosi Msimang obulawe nomyeni wakhe uMnuz Thabo Msimang emzini wabo
 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? IZITHANDAN­I ebezilele zishe zangqongqa eNewtown oThongathi. UMnuz Siya Ntetha obezicuphi­se kulo mjondolo ubesadange­le ngokwenzek­ile, izolo
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU IZITHANDAN­I ebezilele zishe zangqongqa eNewtown oThongathi. UMnuz Siya Ntetha obezicuphi­se kulo mjondolo ubesadange­le ngokwenzek­ile, izolo
 ?? SITHUNYELW­E Isithombe: ?? U-CONSTABLE Nobukhosi Msimang obulawe nomyeni wakhe uMnuz Thabo Msimang. Kudideke umndeni nozakwabo ngokubulaw­a kwabo
SITHUNYELW­E Isithombe: U-CONSTABLE Nobukhosi Msimang obulawe nomyeni wakhe uMnuz Thabo Msimang. Kudideke umndeni nozakwabo ngokubulaw­a kwabo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa