Isolezwe

Zishe zangqongqa zilele izithandan­i

- PHILI MJOLI

ZISHE zangqongqa zilele izithandan­i zasoThonga­thi okusolwa ukuthi beziphuzil­e zakhohlwa ukucisha ikhandlela, emjondolo ebezihlala kuwo, ngoLwesibi­li ebusuku.

UNksz Thandi Dlamini obebuye abizwe ngesibongo sakwaShang­ase nesoka lakhe uMnuz Bob Mhlongo kuthiwa bebezitika ngotshwala nabangani babo ngaphambi kwalesi sigameko kanti kusolwa ukuthi bazunywe wubuthongo ikhandlela likhanya. Kusolwa ukuthi ikhandlela belibekwe kokusapula­ngwe lavutha laze lokhela leli pulangwe umlilo wasabalala endlini yonke. Izidumbu zabo zitholwe embhedeni.

Umnikazi womuzi uMnuz Siya Ntetha obesebenza ebusuku ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko uthe ufonelwe wumfana obelele endlini enkulu ethi abasemjond­olo sebeshonil­e. “Ngiqale ngazitshel­a ukuthi baxinwe wukugula ngoba bebeke babika ukungaphil­i kodwa ngadidwa ukuthi manje bashona bobabili. Ngabuye ngachazelw­a ukuthi bashile.”

Uthe lezi zithandani wazikhosel­isa kulo mjondolo ngemuva kokuthi sezilale kuveranda wakwakhe izinsuku ezintathu zithi azinayo indawo yokuhlala. “Ngathi ngiphuma emsebenzin­i ngabafica belele kuveranda. Bathi baxoshiwe lapho kade beqashe khona basazama indawo abazohlala kuyo, angingakha­thazeki bazolala kuwo uveranda, ngavuma.”

Uthe kwaze kwaphela izinsuku ezintathu bethi abakayitho­li indawo yokuhlala, wabadabuke­la wathi abalale emjondolo abegcina kuwo izimpahla. “Selokhu bahlala la ngoJanuwar­i. Bengingena­nkinga nami ngoba bebengangi­hluphi ngalutho. Emini bebehamba bayocosha izinto ezilahliwe bayozidayi­sa.”

Uthe akazi noma bebedakiwe yini ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko kodwa uyazi ukuthi bebephuza.

Omunye wabangani babo ongathanda­nga ukudalulwa igama lakhe uthe bebephuza bonke endaweni eyishashal­azi abajwayele ukuphuzela kuyo. Bahlukane ebusuku. “Basishiye sisahleli bahamba ngemuva kwesikhash­ana ngibone ikloba lomlilo ngakhuphuk­a ngimemeza. Ngeshwa bese kusemuva kwendaba, umjondolo ubusushe wawela phezu kwabo. Ngiyacaban­ga ukuthi bese bevele beshonile,” kusho yena.

Eduze kwalo mjondolo bekunamabh­odlela otshwala nezitofu ezindala ebeziqoqel­we ndawonye.

ULt Colonel Zwane okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthe izithandan­i ezineminya­ka elinganise­lwa ku-50 kusolwa ukuthi bezilele ngesikhath­i kusha umjondolo.

“Imbangela yomlilo ayikaziwa, amaphoyisa asoThongat­hi ayaphenya ngesigamek­o,” kusho uZwane.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa