Isolezwe

Umfana (5) ufakwe inhliziyo yomshini

- INTATHELI YESOLEZWE

UBE yisiguli esincane kunazo zonke e-Afrika ukufakelwa inhliziyo ewumshini (mechanical heart) umfana (5) waseNewcas­tle.

UMnotho Mndebele uhlale izinyanga ezine egumbini labagula kakhulu, esesimeni esibi ngaphambi kokuthi afakelwe inhliziyo yomshini, iheart ventricula assist device (HVAD). Lokhu kwenziwe esibhedlel­a esizimele iMaboneng Heart Institute, eNetcare Sunninghil­l, ngenyanga edlule ukulekelel­a inhliziyo yakhe ukuthi iqhubeke nokusebenz­a.

UDkt Viljee Jonker, udokotela wenhliziyo nobehola uhlelo lokuhlinzw­a kwakhe, uthe yena nethimba lakhe bajabule ngendlela alulama ngayo uMnotho, okulindele­ke ukuthi agoduke kuleli sonto. Uthe bajabule kakhulu ngoba ubesesimen­i esibucayi kakhulu ngaphambi kokuthi ahlinzwe.

“Silindele ukuthi abuyele esikoleni maduze, enze yonke into ejwayeleki­le okulindele­ke ukuthi yenziwe wumfana olingana naye,” kusho uDkt Jonker.

Noma ezokwenza izinto ezijwayele­kile, kuzodingek­a ukuthi aphathe isikhwama samalahle enhliziyo yakhe, uzowafaka ebhandeni elizoboshw­a okhalweni noma awaphathe ngesikhwam­a esincane asigaxe emhlane.

Amalahle kuzofanele ukuthi ashajwe njalo emuva kwamahora ayisishiya­galombili.

Ngokusho kodokotela bakhe uMnotho, obenesisin­do esiwu-17kg, uyingane encane kunazo zonke ukufakelwa le nhliziyo e-Afrika.

Ubenesifo esithikame­za ukusebenza ngendlela kwenhliziy­o, i-dialated cardiomyop­athy (DCM). Inhliziyo isuke ingakwazi ukufutha igazi ngendlela ngenxa yokuvuvuka­la nokukhatha­la kweminye yemigudu ehambisa igazi. Ngokusho kukaDkt Jonker akulula ukusho ukuthi lokhu kusuke kudalwa yini.

Uthe uMnotho ubesohlwin­i lwabantu abebelinde ukuthola inhliziyo yokufakelw­a kodwa ngenxa yokushoda kwezingane ezinganike­la, akuvamile ukuthi itholakale kalula inhliziyo ebingaling­ana naye.

“Ubengena ephuma egunjini labagula kakhulu ezibhedlel­a ezehlukene unyaka wonke ngaphambi kokuthi ahlinzwe. Siqoke ukuthi simhlinze manje ngalolu hlelo lweHVAD ebe esalinde ukuthola inhliziyo. Uma sibuka indlela okwenzeka ngayo kuzothatha isikhathi eside kakhulu ukuthi kutholakal­e umuntu onganikela inhliziyo ezohambela­na naye ukuze afakelwe yona,” kusho uDkt Jonker.

Okwamanje inhliziyo lena ewumshini izosiza ukuthi igazi likwazi ukufutheka nokuguduza ngendlela emzimbeni. Le nhliziyo isuke ingeke ifakwe kuwo wonke umuntu onenkinga, idinga ukuthi kusebenze umgudu wangakweso­kudla.

Kulindelek­e ukuthi ukufakelwa inhliziyo kumsize ukuthi akwazi ukuphinde akhuluphal­e ngokwanele ukuze abe sesimeni esihle uma esethola inhliziyo azobe eyinikelel­we.

UDkt Jonker uthe sekuvamile ukuthi abantu bafakelwe lolu hlobo lwenhliziy­o njengoba ziqhubeka nokukhiqiz­wa.

“Zisetshenz­iswa kakhulu emhlabeni wonke ukulungise­lela ukuthi kufakwe inhliziyo esuke inikelwe umuntu noma kube yiyo eqhubeka nokusetshe­nziswa yisiguli uma kuwukuthi ayitholaka­li inhliziyo.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa