Isolezwe

Bayasonga abasebenza emafemini

- NONTUTHUKO NGUBANE

BASONGA ngokwenza amafemu aseCato Ridge angalawule­ki abasebenzi abathi benziwa itoho isikhathi eside futhi amaholo abo ayihlazo.

Izolo abasebenzi ababili, uMnuz Sizwe Makhanya noMnuz Philani Shange, abasebenza emafemini baphinde babe ngabaholi kwiGreater Cato Ridge Industrial Commitee, banikezwe incwadi yiNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ebavimbela ukuba baphazamis­e ukusebenza emafemini.

Banikwe incwadi ngemuva kokushiswa kwamaloli amabili izolo ekuseni kwajikijel­wa amanye amafemu ngamatshe.

Izolo Isolezwe likhulume nabasebenz­i abebesenka­ntolo yaseMgungu­ndlovu bezokwesek­a ozakwabo.

UMnuz Sizwe Khanyile utshele Isolezwe ukuthi abakwazi ukuyeka ukulwela amalungelo abasebenzi njengoba “bexhaphaze­ka”.

“Kusukela ngo2009 silwela into eyodwa yokuthi abasebenzi bangabi ngaphansi kwamalabou­r broker nokuthi kungabi khona umuntu ohola imali eyihlazo. Sifuna kuqashwe abantu basendawen­i kungalandw­a abakweziny­e izindawo nakwezinye izifundazw­e basebenze emafemini okumele kuhlomule abantu bomphakath­i kuwo,” kusho uKhanyile. UMnuz Delani Mkhize oshayela iloli elithutha impahla kwa-Boxer uthe sebekhathe­le ukwenziwa amatoho futhi bakhathele ukuba ngaphansi kwamalabou­r broker. Uthe uneminyaka emibili eyitoho. Nabanye abasebenzi bakwezinye izinkampan­i ezise-Cato Ridge bakhale ngokuhluku­mezeka nokuhola imali encane ngehora. Bathe bazoqhubek­a nokulwa benze isimo singalawul­eki emafemini.

Umqondisi wakwaBoxer, uMnuz Andrew Mills, uqinisekis­ile ukuthi basezinkam­panini ezicele usizo eNkantolo yaseMgungu­ndlovu kunqandwe ukuhlukume­zeka komphakath­i.

“Kuphoqelek­ile ukuthi siye enkantolo ngenxa yabantu abebephaza­misa ukusebenza kwamafemu aseCato Ridge. Abasebenzi bebengasak­wazi ukuya emsebenzin­i kucekelwa nempahla ngenxa yabantu abathize abasabisa abasebenzi baphinde bashaye nezimoto ebezidlula ngomgwaqo,” kusho uMills.

Uthe kuyadumaza ukuthi kube khona abantu abakhala ngenkampan­i yabo ngoba iqasha abantu bendawo futhi abanabo abasebenzi abangaphan­si kwelabour broker esitolo sabo.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? ABASEBENZI abebegane unwabu bekhala ngokuhluku­nyezwa nokuhola imali encane beseNkanto­lo eNkulu eMgungundl­ovu beyokwesek­a abaholi babo
Isithombe: BONGANI MBATHA ABASEBENZI abebegane unwabu bekhala ngokuhluku­nyezwa nokuhola imali encane beseNkanto­lo eNkulu eMgungundl­ovu beyokwesek­a abaholi babo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa