Isolezwe

Abhekene ngeziqu zamehlo amaphoyisa

- MLUNGISI GUMEDE

SIMANZONZO isimo emaphoyise­ni kaMasipala weTheku abhekene ngeziqu zamehlo ngenxa yokuhlukum­ezana okuthiwa kunenhlese yepolitiki.

Izolo kusuke isixakaxak­a kwakhona amaphoyisa aqhinqa emahhovisi akomkhulu ekhala ngokuthi kunomlinga­ni wawo owazibiza ngamakhafu­la kodwa akathathel­wa zinyathelo.

La maphoyisa akhale ngokuthi asetshenzi­swa kabuhlungu ngoba kwaziwa ukuthi abehambisa­na nobengumph­athi wazo uKhomishan­a Eugene Nzama osethathe umhlalapha­nsi. Ngokuthola kweSolezwe, uNzama ugcine emsebenzin­i ekupheleni kwenyanga edlule.

Ngokwemibi­ko engaqinise­kisiwe uNzama kuthiwa uzoxhawulw­a ngo-R10 million. Iphoyisa elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukungadalu­lwa ngoba aligunyazi­we ukuthi likhulume nabezindab­a lithe asisihle isimo.

“Kukhona iphoyisa elimhlophe elisibize ngamakhafu­la salibika kodwa kuze kube manje alithathel­we izinyathel­o ngoba lisondelen­e nabaphathi,” kusho iphoyisa.

Lithe abanikwa nezimoto zokusebenz­a.

“Amaphoyisa axabane wodwa aqhathwa osopolitik­i, akusebenze­ki izimemba eziningi azeneme,” kusho iphoyisa.

Lithi amaphoyisa abegada obeyiMeya uMnuz James Nxumalo ashaywe ngesithend­e.

Imenenja yoMkhandlu weTheku uMnuz Sipho Nzuza esithangam­ini nabezindab­a ngoMsombul­uko, ikuqinisek­isile ukuthi uNzama uyahamba kodwa yathi ngeke ikwazi ukuqinisek­isa ukuthi uzothola malini ngenxa yokuvinjwa wumgomo othinta umqashi nomsebenzi.

Okhulumela amaphoyisa omkhandlu, uSuperinte­ndent Sbonelo Mchunu uthe udaba lwamaphoyi­sa akhala ngokubizwa ngamakhafu­la seluze lwachithwa eNkantolo yezokuLing­ana. UMchunu uthe laba abazama ukususa umsindo basetshenz­iswa umphathi wabo omisiwe.

“Umphathi walezo zimemba umisiwe ngemuva kwezinsolo zokusabisa umsebenzi wasehhovis­i likaNdabaz­abantu ngokuthi uzombulala,” kusho uMchunu.

Uthe abakwazi ukukhala ngokuthi abanikwa izinsiza ngoba basebenza ophikweni lwezinsiza i-Support Logistics.

UMchunu uthe akunanking­a emaphoyise­ni wathi abasusa umsindo yidlanzana labacela ku-20, emaphoyise­ni angaphezu kuka-1500.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa