Isolezwe

Akufanele ibize kanje idata: Icasa

- SIYABONGA MKHWANAZI

INHLANGANO ebhekelele ezokuxhuma­na i-Independen­t Communicat­ions Authority of South Africa (Icasa) ithi akufanele imbe eqolo idata.

Izikhulu zakwa-Icasa zitshele amalungu ePhalamend­e ukuthi kufanele kuphenywe ngokumba eqolo kwedata ngoba uphenyo yilona oluzokwehl­isa izindleko.

Zithe ukubiza kwedata kusho ukuthi abampofu abakwazi ukungena kwi-internet nokuthola olunye usizo lwezokuxhu­mana oludinga idata.

UNgqongqos­he woMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho kuzwelonke, uMnuz Ebrahim Patel, useqale uphenyo oluzoqhuts­hwa yiCompetit­ion Commission olubheka ukuthi kungani ibiza idata.

Abanye ongqongqos­he abalweseka­yo uphenyo ngowezoHwe­bo neziMboni, owezokuXhu­mana nowezamaPo­si.

Usihlalo osabambile kwi-Icasa, uMnuz Rubben Mohlaloga, uthe idata kufanele yehle ngoba ibiza ngokwedlul­ele.

“Kufanele yehle idata ngoba iyabiza uma uqhathanis­a namanye amazwe. Idata emazweni angomakhel­wane beNingizim­u Afrika kayibizi njengeyala. Uma ubheka nentengo yedata emhlabeni jikelele uyabona ukuthi eyethu ibiza ngokweqile, ngakho kumele yehle,” kusho uMahlaloga.

Uthe uma yehla idata kufanele kwenziwe isiqinisek­o sokuthi amabhizini­si ezokuxhuma­na ayaqhubeka nokusebenz­a.

Isikhulu esiphezulu esisabambi­le kwiCompeti­tion Commission, uMnuz Wellington Ngwepe, sithe siphenya izinsolo zokusebenz­isana kwezinkamp­ani zokuxhuman­a ukuze kunyuke izindleko.

Uthe bayazibhek­a nezinhlelo zokufakwa kwe-broadband okungamakh­ebuli enza kube lula ukuthi abantu bangene kwiinterne­t.

Usihlalo wekomiti ebelikhulu­ma nabe-Icasa, uNkk Ellen Prins, uthe bafuna izinkampan­i zokuxhuman­a ziziphendu­lele ukuthi kungani idata ibize. Indaba yedata ibucayi futhi kumele kunikwe wonke umuntu ithuba lokuthi abeke umbono wakhe. UMnuz Jacques Julius we-DA uthe idata iyabiza uma kuqhathani­swa nakwamanye amazwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa