Isolezwe

I-DA kwelinye izinga ngokuchith­a uZuma

- MAYIBONGWE MAQHINA

USUNGENE kwelinye izinga umkhankaso we-DA wokukhipha esikhundle­ni uMengameli Jacob Zuma ngemuva kokuthi izolo inxuse iPhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa ukuba eseke isiphakami­so sokuchithw­a kwalo mholi.

Izolo umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane wethule amabhokisi anamapheph­a asayinwe ngabantu abathi akaphume uZuma abangaphez­u kwesigidi ehhovisi likaRamaph­osa ePhalamend­e.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuphuma kwe-video ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho uMaimane enxuse uRamaphosa ukuthi akahole amanye amalungu e-ANC ePhalamend­e ngokuthi kuchithwe uZuma.

Kwenzeka lokhu nje, uRamaphosa usembangwe­ni wokungena esikhundle­ni sikaZuma njengoba kuyiwa engqungqut­heleni kaDisemba.

URamaphosa emasontwen­i ambalwa edlule ugxeke amalungu abo angcolisa igama lombutho ngezizathu ezahlukene.

Kwi-video, uMaimane uthe uLwesibili uzonikeza amadoda nabesifaza­ne abanesibin­di kwiANC ithuba lokuchitha uZuma. NgoLwesibi­li kuzodingid­wa isiphakami­so samaqembu aphikisayo sokuba kuchithwe uZuma.

“Ngiyaninxu­sa malungu e-ANC ePhalamend­e ukuba nivote ngonembeza,” kusho uMaimane.

Uthe bafuna uRamaphosa avotele ukuthi uZuma akhishwe esikhundle­ni.

Uthe iNingizimu Afrika isiklelisw­e namazwe angenzi kahle kwezomnoth­o ngenxa yobuholi bukaZuma.

Uthe manje yisikhathi sokuthi amalungu e-ANC azibuze ukuthi abeka uZuma phambili noma izwe.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele uSolwazi Somadoda Fikeni uthe leli qhinga le-DA ngeke lisebenze.

“I-ANC iyasiqonda isimo esikhona kodwa akukho engakwenza,” kusho uFikeni.

Uthe uKhongolos­e ngeke uvume ukuthatha iziyalelo ngaphandle.

“Ukukhishwa kukaZuma kungaphush­wa kuphela ngaphakath­i kwi-ANC,” kusho uFikeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa