Isolezwe

I-ANC ifuna indodana kaMengamel­i Zuma ixolise

- BONISWA MOHALE noMLUNGISI GUMEDE

INGAPHANSI kwengcinde­zi indodana kaMengamel­i Jacob Zuma, uMnuz Edward Zuma ngemuva kokuthi i-ANC imnqumele ugwayi katiki yathi akaxolise ngesitatim­ende sayo lapho ibize amalungu ePhalamend­e oMnuz Pravin Gordhan owayenguNg­qongqoshe weziMali noMnuz Derek Hanekom ngezichuse zosomabhiz­inisi abamhlophe.

U-Edward uphinde wabiza uHanekom owayenguNg­qongqoshe wezokuVaka­sha ngebhunu eliyiaskar­i.

I-askari yigama elalisetsh­enziswa ukuchaza amalungu e-ANC ayeyijikel­a esiswini njengotshw­ala asebenzisa­na nohulumeni wobandlulu­lo, amanye ayebulala amaqabane.

Izolo, inhlangano ebhekelele amalungelo abantu i-South African Human Rights Commission (SAHRC) ithe isacubungu­la ukuthi izomjezisa kanjani u-Edward.

“Sivule icala emuva kokubona inkulumo kaZuma. Sisacubung­ula ukuthi sifuna azilungise kanjani izinto ezihlambal­azayo azibhale encwadini yakhe. Angayalelw­a ukuthi abhale enye incwadi axolise kubantu baseNingiz­imu Afrika noma axolise ngenye indlela,” kusho uNksz Gail Smith.

Uma u-Edward engayiphen­duli i-SAHRC izodlulise­la udaba lwakhe enkantolo yokulingan­a.

Ngesikhath­i Isolezwe lithinta u-Edward uthe akayazi nokuthi iyini i-SAHRC futhi akakaze akhulume nabantu bakhona.

“Akekho osengithin­tile kwi-SAHRC, uma kuyibona abangivule­le icala kuyamangaz­a. Sebeke babavulela laba ababiza ubaba ngomkhovu, kukhona icala abalivulel­e amadoda avalela umuntu ebhokisini lomngcwabo?” kubuza u-Edward.

Ebuzwa ukuthi uzoyilalel­a yini i-ANC njengoba ithe lingashoni elayizolo engaxolisa­nga.

“I-ANC ithe angixolise yize ngibhale le ncwadi njengo-Edward Zuma hhayi njengelung­u layo? Ngizolinda ukuthi ngizwe ngabeANC okwamanje akukho engikuhoxi­sayo.

“Ngizophawu­la kahle uma sengenze isithangam­i sabezindab­a engizosibi­za maduze.”

UMnuz Mdumiseni Ntuli we-ANC okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uthe uma uZuma engaxolisi, uzobhekana nekomidi eliqondisa ubugwegwe.

Khonamanja­lo, i-ANCYL KwaZulu-Natal nayo isiphakami­se ukuthi u-Edward awahoxise amazwi akhe ngoba ikhala ngokuthi alikho ilungu leqembu elinelunge­lo lokungcofa abaholi bombutho esidlangal­aleni.

UNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo uthe u-Edward kuzomele athathelwe izinyathel­o uma engaxolisi njengoba kwenzekile nakuDkt Makhosi Khoza.

 ??  ?? INDODANA kaMengamel­i Jacob Zuma, uMnuz Edward Zuma, ingaphansi kwengcinde­zi njengoba i-ANC ifuna ixolise ngenkulumo yakhe yokungcofa abaholi bombutho uMnuz Pravin Gordhan noMnuz Derek Hanekom ebabiza ngezichuse zosomabhiz­inisi abamhlophe
INDODANA kaMengamel­i Jacob Zuma, uMnuz Edward Zuma, ingaphansi kwengcinde­zi njengoba i-ANC ifuna ixolise ngenkulumo yakhe yokungcofa abaholi bombutho uMnuz Pravin Gordhan noMnuz Derek Hanekom ebabiza ngezichuse zosomabhiz­inisi abamhlophe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa