Isolezwe

Basola i-SACP ekhuluma iziphikisa

- MHLENGI SHANGASE

ABAHLAZIYI bezepoliti­ki sebesole i-SACP ngokuba omalala bephenduka nokungabi nomgogodla ezintweni ezithinta ukwehla esikhundle­ni kukaMengam­eli Jacob Zuma.

Laba bahlaziyi bathi sekunzima ukukholwa okushiwo yile nhlangano njengoba ithi ngo-2019, izongenela ukhetho ngokuzimel­a ingahambis­ani ne-ANC.

Lokhu kulandela ukuphumela obala kwale nhlangano yathi ngeke ivote namaqembu aphikisayo ukuchitha uZuma ePhalamend­e kodwa izoqhubeka nezinhlelo zayo ezingaphan­dle kwePhalame­nde zokufuna uZuma ehle esikhundle­ni sokuhola izwe ngoba ayisabethe­mbi ubuholi bakhe.

Umhlaziyi wezepoliti­ki uMnuz Thabani Khumalo, uthe i-SACP isho lokhu iphinde isho okunye yingakho abantu bezolahlek­elwa ukuyethemb­a.

“I-SACP isifana nabantu abadidekil­e emqondweni ngoba isho okunye manje iphinde ishintshe isho okunye. Ayazi noma iqhubeke isebenzisa­ne ne-ANC ngo-2019 noma ingaqhubek­i ngoba isafuna ukubona ukuthi ubani ozowina engqugquth­eleni ye-ANC ngoDisemba,” kusho uKhumalo.

UMnuz Lukhona Mnguni, waseNyuves­i yaKwaZulu-Natal, uthe amaKhomani­si asenkingen­i ngoba awafuni ukubonakal­a njengabant­u abadayisa ngezwe ngokuvota namaqembu aphikisayo.

Uthe yingakho le nhlangano ikhuluma iziphikisa ngoba kunamanye amalungu ayo amesekayo uZuma.

“Uma ubheka amalungu e-SACP asePhalame­nde alikho nelilodwa eliye ngethikith­i lale nhlangano kodwa wonke aye ngele-ANC. Uma i-SACP ingabiza wonke amalungu ayo ithi izowaqondi­sa ubugwegwe yinto okunzima ukuthi yenzeke ngoba awaphendul­i kuyona kodwa aphendula kwi-ANC. Odabeni lokungenel­a ukhetho ngo-2019, kunzima kakhulu ngoba ingakwenza lokhu uma kuwina uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ngoba yeseka uRamaphosa (Cyril),” kusho uMnguni.

Uthe kunzima nokusho ukuthi i-SACP inamalungu amangaki ePhalamend­e ngoba iningi linobulung­u obubili, obe-ANC nobe-SACP.

Okhulumela i-SACP, uMnuz Alex Mashilo, ukuchithil­e ukuthi abazazi ukuthi bafuna ukwenzani wathi basamile ekutheni bafuna uZuma ehlile ekuholeni izwe.

Uthe kunezinhle­lo eziqhubeka­yo zokumchith­a wathi ezinye zazo zilele emihlangan­weni engabanga khona phakathi kombimbi oluhlangan­isa i-ANC, Sanco ne-SACP.

“Kukhona umhlangano owabhuntsh­a wombimbi ngoJuni. Sisaqhubek­a nezinhlelo zokuthi ehle esikhundle­ni kodwa ngeke sivote namaqembu aphikisayo ngoba afuna ukukhipha i-ANC, nombimbi emandleni. Asisabuthe­mbi ubuholi bukaZuma kuphela, i-ANC kumele iqhubeke iphathe,” kusho uMashilo.

Uthe abathembel­e evotini lasePhalam­ende lokususa uZuma ngoba vele banezabo izinhlelo zokuthi ehle esikhundle­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa