Isolezwe

UKaunda ungenelele kolwaseDu Toit

- KHULEKANI MASEKO

UNGQONGQOS­HE womnyango wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­a koMphakath­i KwaZuluNat­al, uMnuz Mxolisi Kaunda useyalele amaphoyisa aKwaMakhut­ha ukuthi asiqaphe ngeso lokhozi isimo eDu Toit, e-Adams Mission, ngemuva kwesigamek­o sokubulawa kwabantu abane.

UKaunda ubambe umhlangano namaphoyis­a esiteshini samaphoyis­a ngoMsombul­uko ngemuva kwalesi sigameko esenzeke ngempelaso­nto.

Kulesi sigameko kubulawe abangani abaphinde babe ngomakhelw­ane, oMnuz Fanele Sanele Gumede (24), Sphelelele Mavundla (24), uKhumbulan­i ‘Khokha’Msomi (19) no-Ayanda Du Toit (17) okuthiwa babulawa behleli endlini yakwaMsomi.

UKaunda uthe usenxuse nophiko lwezokuphe­pha emnyangwen­i wakhe ukuthi luhlele imikhankas­o eqwashisa ngobugeben­gu, ukusetshen­ziswa kwezidakam­izwa nezibhamu ezingekho emthethwen­i.

“Ngeke zivumele izigebengu ukuthi zihlukumez­e abantu. Kumele sibhekane nazo,” kusho uKaunda.

Uthe imjabulisi­le imibiko ayithole emaphoyise­ni eveza ukuthi ilokishi laKwaMakhu­tha linokuthul­a. Ngesikhath­i Isolezwe lihambele imindeni yaboshonil­e kuvele ukuthi amalungu omphakathi ahlalele ovalweni ngemuva kwalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe akukaboshw­a muntu ngalesi sigameko.

Unxuse amalungu omphakathi angaba nolwazi olungahole­la ekutheni kuboshwe abasolwa ukuthi athinte amaphoyisa.

 ??  ??
 ??  ?? KHUMBULANI “KHOKHA” MSOMI (19)
KHUMBULANI “KHOKHA” MSOMI (19)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa