Isolezwe

‘Babhibizwa’ kubuka abagibeli abashayeli

- BONISWA MOHALE

BAFUNA kungenelel­e izikhulu zamatekisi abagibeli basoThonga­thi abakhala ngokuthi abashayeli bamatekisi ale ndawo basakazwa ngezimpama phambi kwabo.

Omunye umgibeli ongathanda­nga ukudalulwa utshele Isolezwe ukuthi kusukela ngoJanuwar­i walo nyaka abashayeli abakhulule­kile kahle kwazise abantu abagada umsebenzi erenke yasoThonga­thi bayabathuk­a futhi bafuna bashiye imali yelodi erenke.

“Asazi ukuthi sizoyibika kubani le nto eyenzeka erenke yasoThonga­thi. Sigibela amatekisi asuka oThongathi siya esikhumulw­eni samabhanoy­i, eKing Shaka kodwa kwesinye isikhathi siyabambez­eleka uma izikhulu zamatekisi zifuna umshayeli ashiye imali yelodi. Omunye uye agoloze athi imali uzoyishiya kubasi wakhe bese eqhunyiswa ngempama,” kusho umgibeli.

Uthe impama iqhunyiswa phambi kwabo bengabagib­eli, nabo bazithole sebengasaz­i ukuthi benzenjani ngoba umshayeli uphuma erenke esecikekil­e.

“Abashayeli bangaze badale izingozi ngenxa yesimo esingesihl­e abasebenza ngaphansi kwaso. Asazi noma wumthetho omusha yini ukuthi abashayeli kufanele bashiye imali yelodi erenke hhayi ukuthi bayihambis­e kubo kwetekisi njengokujw­ayelekile? Abakaze basitshele ngezinguqu­ko emsebenzin­i wabo abanikazi bamatekisi asoThongat­hi Siyacela iSantaco ibheke lolu daba ngoba asazi sizobikela bani,” kusho omunye umgibeli.

Kuthintwa uSihlalo kasoseshin­i wasoThonga­thi ochazwe ngokuthi uSibisi ucele ukuthi kufonelwe umkhulumel­i kasoseshin­i athe nguThusi.

“Angijwayel­e ukuya erenke mina ngicela uthinte uThusi okhulumela usoseshini kodwa anginayo inamba yakhe,” kusho uSibisi.

USihlalo weSantaco esifundeni iLembe, uMnuz Bongani Mkhwanazi uthe baluzwile udaba lwasoThong­athi kodwa basaphenya ukuzwa ukuthi ngabe yinto eyenzekayo yini leyo.

“Okwamanje akukho okubambeka­yo esikuthola­yo ngalolu daba. Siyaqhubek­a nophenyo ukuthola ukuthi kwenzekani,” kusho uMkhwanazi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa