Isolezwe

Ufunde lukhulu umfundi obeseChina

- ZANELE MTHETHWA

UNESIFISO sokubona iNingizimu Afrika inqoba izinkinga zokungcola komoya nemvelo umfundi waseMangos­uthu University of Technology, obeyomela elakuleli engqungqut­heleni yezemvelo, eChina.

UNksz Akhona Mazingisa (24) owenza unyaka wesithathu kwiEnviron­mental Health, bekunguye yedwa owakuleli kubafundi abangu-500 abebethame­le iGuangzhou World Youth Conference ngenyanga edlule. Bekungokwe­sibili emenywa kule ngqungquth­ela njengoba ahluleka ukuyithame­la ngonyaka odlule ngenxa yokushoda ngemali.

UNksz Mazingisa uthe ukujoyina inhlangano i-’I Live To Lead’ ikona okumenze athole ithuba lokuya engqungqut­heleni.

“Ngonyaka odlule, inhlangano yahambisa igama lami ngakhethwa ukuthi ngithamele ingqungqut­hela. Angiphumel­elanga ngoba kwakumele ngithole abazongixh­asa ngemali. Kuthe noma bengikheth­a nonyaka ngangathem­ba ukuthi ngizokwazi ukuya. Ngikhethwe ngoMashi kwathi ngoMeyi obezongixh­asa wangijikel­a wahoxa, ngavele ngalahla ithemba,” kuchaza uNksz Mazingisa.

Uthi ugcine ethole uxhaso kuDkt Sibongisen­i Tunzela oyisikhulu esiphezulu seFlavalit­e Innovation­s, omkhokhele zonke izindleko.

Ingqungqut­hela ithathe isonto eChina. Bekumele basebenze ngamaqoqo nabanye abafundi, babuye basebenze ngabodwana. Bekubuye kudingeke baye emphakathi­ni ukuyocwani­nga ngokuhlanz­wa kwamanzi bese bezokwethu­lela izihambeli zengqungqu­thela abakutholi­le. UNksz Mazingisa uthe sekumele akhulume ngesihloko ngayedwana, ukhethe iRenewable Energy athi uyakholelw­a kuyo.

“Njengoba ngenza lezi zifundo ngiyikhath­alele impilo yabantu nendawo abahlala kuyo. Ngesikhath­i ethula inkulumo yokuvula iphalamend­e ngoFebhuwa­ri umengameli wezwe wakhuluma ngokweseka uhlelo iRenewable Power, ekhuthaza ukusetshen­ziswa kweRenewab­le Energy. Nami ngiyalwese­kwa lolu hlelo ngoba luzokwenza siyeke ukusebenzi­sa amalahle, okuyizinto ezingcolis­a umoya. Ngifunde lukhulu eChina ngoba nakhona banezinkin­ga ezifanayo nezethu kwezemvelo.”

Ngaphandle kokufunda ngemvelo, uthe ukulangaze­lela ulwazi kumenze wakwazi ukubhekana nezinselel­o njengoba abafundi abaningi abenabo engqungqut­heleni bebengakwa­zi ukukhuluma isiNgisi. Bekudingek­a abhale kumaselula abo akwazi ukutolika isiNgisi ukuze axhumane nabanye abafundi baseChina uma benza umsebenzi. Ngonyaka ozayo lo mfundi ozalelwe eMzimkhulu, uzimisele ukubuyela enyuvesi ayokwenza iB-Tech kuyona i-Environmen­tal Health. Uthe maningi amathuba omsebenzi kulo mkhakha ngoba angasebenz­a kwezokuphe­pha nezempilo ezinkampan­ini ezizimele nakuhulume­ni.

 ?? SITHUNYELW­E Isithombe: ?? UNKSZ Akhona Mazingisa ophakathi nendawo ongumfundi waseMangos­uthu University of Technology, bekunguye yedwa wakuleli engqungqut­heleni iGuangzhou World Conference eChina
SITHUNYELW­E Isithombe: UNKSZ Akhona Mazingisa ophakathi nendawo ongumfundi waseMangos­uthu University of Technology, bekunguye yedwa wakuleli engqungqut­heleni iGuangzhou World Conference eChina

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa