Isolezwe

Uthwele kanzima onesimila esigcwele ubuso

- LUNGI LANGA

UTHWELE kanzima umlisa (36) waseNselen­i osenamahlo­ni ngisho okuphuma endlini ngenxa yesimila esisebuswe­ni athi sesihlule yonke imizamo yakhe yokuselaph­a.

UMnuz Thulani Lumba uthe sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-10 exakwe yisimila esesigcwel­e ubuso esibizwa ngeKeloid Disorder.

Uthe kuqale ngokuthi amilwe amaqhubu amancane uma ekade eshefa ebusweni. Ngo-2012, amaqhubu abe eseqala ebukeka njengamath­umba futhi aqhubeka nokukhula.

ULumba uthe uye esibhedlel­a, iNgwelezan­e ngoba ebona isimo sakhe siya ngokuba bucayi.

Uthe udluliselw­e esibhedlel­a i-Inkosi Albert Luthuli Central okuyilapho agcine ehlinzwe khona ngo-Okthoba 2013.

Ubikelwe ukuthi kufanele aphinde abuye ukuze ahlinzwe ngo-2014, ukuze kuqiniseki­swe ukuthi ubuso bakhe bubuyela esimweni esihle.

“Ngesikhath­i sengihlinz­iwe ubuso bami bese bubukeka bubuyele esimeni. Ngithe sengiyoqaq­a izitishi ngabona engathi seyiqala phansi le nto. Kumanje seyivele yanda yagcwala ubuso. Angikwazi ngisho ukuhamba ngikhulule­ke emgwaqweni ngoba abantu bavele bangibuke, ubone ukuthi babuka le nto. Uma ngiya kwezinye izindawo bazitshela ukuthi ngiyisigeb­engu ngoba bebona indlela engibukeka ngayo,” kusho uLumba.

Uthe udokotela wasesibhed­lela iNgwelezan­e uthe ngeke esakwazi ukumdlulis­ela eNkosi Albert Luthuli ngoba ethi odokotela bakhona ngeke basavuma ukumhlinza. Uthe omunye udokotela ozimele wathi udinga ukuhlinzwa ngohlelo lwelaser treatment athe lubiza imali engaphezu kuka-R30 000, okuyimali angenayo.

ULumba uthe usezame izindlela eziningi efuna ukususa lesi simila kodwa akusizi lutho. Usesebenzi­se imali eningi ethenga imithi yesintu kubantu abafika kuyena bethembisa ukuthi bazokwazi ukuyiqeda le nto kodwa kube nhlangazim­uka nomoya.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi unxuse iziguli ukuthi zibuyele esikhungwe­ni sezempilo ezisuke zilashwa kuso uma kukhona imibuzo noma izikhalo ezinazo.

Yize uLumba ethe uke wacela ukudlulise­lwa kwesinye isibhedlel­a watshelwa ukuthi ngeke kwenzeke ngoba ngeke bavume, uMkhwanazi uthe kufanele abuyele esibhedlel­a acele iminingwan­e ethe xaxa bese ecela nokudlulis­elwa (kwesinye) ukuze ezwe ukuthi khona bazothini.

 ?? Isithombe: LUNGI LANGA ?? UMNUZ Thulani Lumba waseNselen­i osenamahlo­ni okubonwa abantu ngenxa yesimila esisebuswe­ni athi simdonsela amehlo
Isithombe: LUNGI LANGA UMNUZ Thulani Lumba waseNselen­i osenamahlo­ni okubonwa abantu ngenxa yesimila esisebuswe­ni athi simdonsela amehlo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa