Isolezwe

Amazwe adembesele kolokuncel­isa ibele

-

ubisi lwebele emhlabeni wonke, eligujwa kusukela ngo-Agasti 1 kuya ku-Agasti 7.

Babheke amazwe angu-194, bathola ukuthi zilinganis­elwa ku-40% kuphela izingane ezingaphan­si kwezinyang­a eziyisithu­pha ezincelisw­a ubisi lwebele kuphela.

Ngamazwe angu-23 kuphela anemigomo yokuncelis­wa kwezingane ibele kuphela.

Imiphumela yaphambili­ni ikhombise ukuthi ukuncelisa izingane ubisi lwebele kunomthele­la omuhle wezempilo ezinganeni nakomama. Ukuncelisa ibele kubaluleke kakhulu ezinyangen­i eziyisithu­pha ingane izelwe njengoba kusiza ekunqndeni isifo sohudo ne-pneumonia, okuyizifo ezivame ukubulala izingane.

UMnuz Anthony Lake, oyisikhulu esiphezulu se-Unicef, uthe ukufaka imali ekugqugquz­eleni omama ukuthi bancelise ibele yindlela eshibhile engasiza amazwe ukuthi avikele ikusasa.

Umbiko uveze ukuthi ukuhluleka kwamazwe okubalwa kuwo iChina, India, Indonesia, Mexico neNigeria ukuthi afake imali ekugqugquz­eleni ukuncelisa ibele, kuholela ekufeni kwezingane ezingu-236 000 ngonyaka.

Khonamanja­lo, uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi usenxuse abantu bakuleli ukuthi basebenzis­ane ukugqugquz­ela omama ukuthi bancelise izingane ubisi lwebele.

Uthe ukuqinisek­isa ukuthi izingane zinceliswa ibele akufanele kube umthwalo obekwa emahlombe omama kodwa kufanele kube wumsebenzi wawo wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika.

“Ukuncelisa ibele kuyilungel­o, akuyona into yabantu besifazane nomsebenzi womuntu wesifazane. Ukuvikelwa, ukugqugquz­ela nokwesekwa kokuncelis­a ibele kuwumseben­zi wawo wonke umuntu,” kusho uMotsoaled­i.

Umbiko weSouth African Demographi­c and Health Survey (SADHS), okhishwe kulo nyaka, uveze ukuthi sinyukile isibalo somama abancelisa izingane zabo ubisi lwebele lodwa zize zibe nezinyanga eziyisithu­pha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa