Isolezwe

Simisiwe isiteleka sabahlola igazi

- LUNGI LANGA

SIMISIWE isiteleka sabasebenz­i besikhungo esihlola igazi nolunye uketshezi, iNational Health Laboratory Services (NHLS), abangenele isiteleka sikazwelon­ke ngesonto eledlule bekhala ngokunyuse­lwa amaholo.

Esitatimen­deni esithunyel­we wuNobhala Jikelele wenyunyana yabasebenz­i iNational Education, Health and Allied Workers’ Union (NEHAWU), uMnuz Zola Saphetha uveze ukuthi simisiwe isiteleka sikazwelon­ke esiqale ngoLwesith­athu olwedlule.

USaphetha uthe bamise isiteleka ngoba besaphothu­la izingxoxo ngesivumel­wano okufanele sisayinwe emuva kokuthi umqashi elethe iziphakami­so ezintsha ngamaholo. “Isinqumo sithathwe emuva kokuphethw­a kwezingxox­o namalungu (ethu) mayelana nesiphakam­iso sakamuva esenziwe abaphathi beNHLS ngoLwesihl­anu olwedlule.”

Uncome amalungu abo ngokungene­la isiteleka esingabang­a nezigameko ezinodlame. Uthe ngeke bayeke ukugqugquz­ela ukuthi iNHLS iphindisel­we ngaphansi kukahulume­ni njengoba ekhale ngokuthi indlela exhaswe ngayo iyolokhu iholela ekutheni lesi sikhungo siqhubeke nokuba nezinkinga zezimali, ukungaphat­hwa ngendlela, nezenzo zenkohlaka­lo. Abasebenzi bebefuna ukunyuselw­a amaholo ngo-7.3% bese benyuselwa imali yesibonele­lo sezindlu sibe ngu-R2 000 ngenyanga, esomshwale­nse wezempilo, isibonelel­o sokusebenz­a ezimeni ezinobungo­zi sika-R500 ngenyanga. Bebefuna nokufakelw­a imali yesibonele­lo sokusebenz­a emakhaya kulabo abasebenza ezindaweni ezisemakha­ya.

Umqashi ugcine egobe uphondo wayivuma eka-7.3% kodwa wangazibop­hezela kwezinye izimfuno zabasebenz­i. Uphinde wakhombisa ukuzimisel­a ukuthi alungise ezinye zezimfuno zabasebenz­i okubalwa kuzo ukuqashwa kwabantu abazokwenz­a eminye imisebenzi kungabe kusaqashwa izinkampan­i ezizimele.

Uthe uzobuyekez­a uhlelo lokukhokhe­la abasebenzi isibonelel­o sokusebenz­a emakhaya nokunye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa