Igqugquzele ukuzithuthukisa ithweswa iziqu
KUBALULEKILE ukuthi uma ungumphathi uhlale ucabanga izindlela zokonga imali ezizothuthukisa isikhungo osiphethe.
Lokhu kushiwo uMnuz Nkosenye Zulu oyimenenja kamasipala wasoLundi osanda kwethweswa iziqu zeMasters Degree in International Commercial Law eSalford University Business School, e-United Kingdom.
UZulu uthe wakhetha ukwenza iziqu zomthetho ukuze akwazi ukugwema ezinye izinkinga ezigcina ziholele ekutheni kuqashwe abezomthetho abazozixazulula.
“Lezi ziqu zingisiza ekutheni ngikwazi ukugwema izinkinga zingakenzeki nokuthi ngikwazi ukuqhathanisa indlela amanye amazwe enza ngayo nesenza ngayo kuleli. Ngathathwa yindlela izifundo zakhona ezihleleke ngayo ngabona ukuthi uma ngingafunda lezi zifundo ngizokwazi ukuthuthukisa umasipala engisebenza kuwo,” kusho uMnuz Zulu.
UZulu uthe ukholwa wukuthi imfundo yiyona engakhulula abantu bakuleli.
Ngenxa yokuthanda imfundo uthe uyaweqa umgomo olawula omasipala othi kumele umasipala ubeke okungenani imali eyiphesenti elilodwa lokuthuthukisa abasebenzi kwezemfundo. Uthe uyadlula kuleli phesenti ngoba ufisa ukuthi abasebenzi bathuthuke kwezemfundo ukuze bathuthukise umasipala.
Ngesikhathi eyothweswa iziqu zakhe, uZulu uthi uhlabane ngendondo yokuba yimenenja ephethe kahle onyakeni ka-2016/2017, umasipala awuphethe nawo waba sohlwini lwabangu-54 abaphethwe kahle KwaZulu-Natal. Izindondo uthe zikhishwe uNdunakulu wesifundazwe, uMnuz Willies Mchunu.
“Ngijabule kakhulu ukuthi umsebenzi esiwenzayo uyabonakala,” kusho yena.
UZulu uke waba nguMqondisi we-Cooperative Services Department kuwo lo masipala ngo-2005. Ngo-2015 waqokelwa esikhundleni sokuba yimenenja kamasipala.
Uzalelwe e-Edendale, eMgungundlovu wakhulela eMbali.
“Uthe uma kuthiwa izwe selikhululekile kwakungashiwo ukuthi konke sekuzoza ngepuleti kodwa kwakuchazwa ukuthi amathuba asevulelekile, ofisa ukufunda kumele afunde. Thina esibe nenhlanhla yokusebenza kumele sibhukule, eholweni lethu sibe nemali esiyibekele ukuzithuthukisa,” kusho yena.
Uqhube wathi inselelo enkulu komasipala basemakhaya ukuthi abantu abaningi abathandi ukuyosebenza emakhaya. Uma kuvuleka isikhala baba bancane kakhulu abantu abafaka izicelo uma kukhishwe isikhangiso.
“Abantu abanamakhono ake bazifundise ukuyosebenza lapho kunezinselelo eziningi khona, bazibone beyingxenye yabantu abalethe ushintsho kuleyo miphakathi,” kusho uMnuz Zulu.