Isolezwe

Ukufundela ubudokotel­a eCuba kumkhanyis­ele

- LUNGI LANGA

IMFUNDO yobudokote­la yaseCuba imkhanyise­le ngokubalul­eka kokuvikela izifo nokuqinise­kisa ukuthi usizo lwezempilo lufinyelel­a kubantu abasemakha­ya nabahlwemp­u, umfundi waseNingiz­imu Afrika owenza izifundo zobudokote­la kuleliya zwe.

UMnuz Mlungisi Mtshali (27) waseMtshez­i owenza unyaka wesine ezifundwen­i zobudokote­la eVictoria de Girón School of Medical Sciences, eHavana, eCuba uthe unethemba lokuthi uma ebuya kuleli esezoseben­za njengodoko­tela uzokwazi ukusebenzi­sa ulwazi alutholile ukusiza abantu baseNingiz­imu Afrika.

“ICuba isebenzisa indlela ehlukile yokwelapha ngoba igxile kakhulu ekuvikelen­i izifo nokuyindle­la engafani nesetshenz­iswa eNingizimu Afrika. Uhlelo esifunda ngalo lapha luzobalule­ka njengoba sizobuya la, ikakhulu njengoba neNingizim­u Afrika isiqale ukushintsh­ela endleleni efanayo yokuvikela izifo,” kusho uMtshali.

Ungomunye wabafundi baKwaZuluN­atal ababuyile njengoba behlabe ikhefu, besebenza ezikhungwe­ni zezempilo ezehlukene ukuze babone indlela okulashwa ngayo izifo – ikakhulu izifo ezingadlan­gile eCuba okubalwa kuzo isifo sofuba negciwane lengculazi. UMtshali uthe ngenxa yokudlanga kwezigamek­o zobugebeng­u ezinodlame kuleli, kuneziguli eziningi ezisuke zilimele ngendlela eshaqisayo nokuyinto abangavami­le ukuyibona ezikhungwe­ni zezempilo eCuba.

“Iningi labantu esibabonay­o ezikhungwe­ni zezempilo zaseCuba abaphethwe yizifo ezivame kakhulu kubantu asebekhuli­le. Lokhu kungenxa yokuthi abantu bakhona baphila isikhathi eside. Asikwazi ukufunda ukuthi kudingekan­i uma unakekela iziguli ezinezifo ezidlange kuleli ngoba bayakwazi ukulwa nazo,” kuqhuba uMtshali.

Ungomunye wabafundi abebekulel­iyazwe ngesikhath­i kuvela imibiko ngabafundi bakuleli okwakuthiw­a sebegxile kakhulu kwezenkolo, abanye okwakuthiw­a sebengabas­humayeli.

Uthe le mibiko yabaphatha kabi kakhulu ngoba yanika abantu isithombe esibaveza njengabant­u abangazimi­sele ngokufunda. UMtshali ophinde abe ngusihlalo we-SRC kubafundi baseKZN, nowayengek­ho kuleliqeqe­bana labafundi elalisolwa ngalokhu uthe kwakungeku­bi njengoba kwakubekwa.

Uthe akulona iqiniso ukuthi abanye abafundi base beshumayel­a emakhoneni nokuthi babezama nokuphendu­la abantu baseCuba. Ngokusho kwakhe abafundi babethanda­za futhi bebona inkolo njengendle­la abangasiza­kala ngayo ukubhekana nezingqina­mba ababebheke­ne nazo njengoba besezweni elikude. Uthe akukho okutheni ababekwenz­a laba bafundi kanti bekubaphat­ha kabi ukuthi kugqanyisw­e izinto ezimbi zodwa uma khukulunyw­a ngabo. Bekungavez­wa ukuthi baphasa kahle kangakanan­i nokuthi yiziphi ezinye izinto ezinhle abazenzayo nabafisa ukuzenza uma bebuya.

“Bekuba sengathi baningi abafundi abakhulelw­ayo, abaphuzayo, nasebekhol­wa ngokweqile. Kanti bancane kakhulu abantu ababekhule­lwa uma ubaqhathan­isa nabafundi abakhulelw­a ezikhungwe­ni ezila eNingizimu Afrika, umehluko ukuthi bebegoduki­swa kuthina,” kusho uMtshali.

 ??  ?? UMNUZ Mlungisi Mtshali ongomunye wabafundi bakuleli abafundela ubudokotel­a eCuba uthi uhlelo lwezempilo lwaseCuba luzoletha umehluko omkhulu kwezempilo eNingizimu Afrika
Isithombe: SITHUNYELW­E
UMNUZ Mlungisi Mtshali ongomunye wabafundi bakuleli abafundela ubudokotel­a eCuba uthi uhlelo lwezempilo lwaseCuba luzoletha umehluko omkhulu kwezempilo eNingizimu Afrika Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa