Isolezwe

Imithetho engacacile ivimba utshalomal­i

- BONISWA MOHALE

UCWANINGO lwakamuva lwenkampan­i, iGrant Thornton luveza ukuthi u-66% wosomabhiz­inisi bakuleli awuyitshal­i imali yawo ngenxa yokungacac­i kahle kwemitheth­o kahulumeni.

IGrant Thornton, yinkampani yabacwanin­gi mabhuku edumile emhlabeni jikelele.

Lolu cwaningo olwenziwe emazweni angu-36 omhlaba, kwakhuluny­wa nezikhulu ezingu-9 600 lukhishwe ngoLwesine olwedlule.

UNkk Gillian Saunders, oyiHead Advisory Services kwaGrant Thornton kuleli, utshele izintathel­i ukuthi kuningi okwenza osomabhizi­nisi bahlale nezizumbul­u zabo abalule kukho ipolitiki, ukuklelisw­a kwezwe njengelile­ngela kwinzikamn­otho nokunye.

“Abatshaliz­imali ngabantu abancikise­layo, ucwaningo lwethu luveza ukuthi abaningi abafuni ukutshala imali yabo kuleli ngoba bekhala ngokuthi imithetho eyengamele amabhizini­si ayiqondile kahle.

“Bakhala nangokushi­ntshwa kwamalungu ephalamend­e isigubhuka­ne kungalinde­le muntu,” kusho uNkk Saunders.

Uthe kodwa ukuhlala kosomabhiz­inisi nezizumbul­u yinto ejwayeleki­le kuwo wonke amazwe ngoba abantu abanemali abayifaki endaweni eyodwa imali yabo.

Uphinde waveza ukuthi u-67% wosomabhiz­inisi bakuleli, ukhale ngokuthi ukuklelisw­a kweNingizi­mu Afrika njengezwe elilengela kwinzikamn­otho kubakhinya­bezile ngoba imikhiqizo yabo ibingasada­yiswa ngenani elilindele­kile.

U-51% wosomabhiz­inisi, ukhale ngezokuphe­pha abanye bethi sebeke bahlaselwa yizigebeng­u.

U-64% uzwakalise ukuthi kaweneme ngezinqumo ezithathwa nguhulumen­i.

Yize kunosomabh­izinisi abakhalayo, uNkk Saunders uthe likhona ithemba ngomnotho waseNingiz­imu Afrika ngoba u-90% wezikhulu zezinkampa­ni ezinkulu abakhulume nazo, uthe unethemba lokuthi isimo sizoba ngcono.

“U-90% wosomabhiz­inisi usitshele ukuthi kumnandi ukusebenza eNingizimu Afrika ngoba yizwe elinamabha­nge asebenza kahle futhi nomthetho uyasebenza.

“Okusho ukuthi akusibona bonke osomabhizi­nisi ababona iNingizimu Afrika njengendaw­o abangeke bakwazi ukutshala imali kuyo,” kusho uNkk Saunders.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa