Isolezwe

Ngingalini­ka isoka lami imali liqedele ukungilobo­la?

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngingowesi­lisa oneminyaka ewu-28. Sobabili nesithandw­a sami singabazal­wane, siyamesaba uJehova. Siwe esonweni usisi wase eyakhulelw­a. Yinyanga yesibili futhi asikabatsh­eli ebemindeni yethu ngoba siyesaba. Ubaba ngumfundis­i webandla kanti nakubo kwalo sisi basindisiw­e. Inkinga wukuthi sobabili siyazi ukuthi bazosiphoq­a ukuthi sishade kanti thina siyazi asikakulun­geli lokho. Sicela usizo. Igama ligodliwe, eMnambithi Impendulo: Ukukhula kuhambisan­a nokwenza amaphutha. Okuhle futhi nenikwaziy­o njengabaza­lwane wukuthi uNkulunkul­u uyasixolel­a amaphutha ethu. Imindeni yenu ngokunjalo nebandla lizonixole­la emva kwesikhath­i. Okubalulek­ile nje wukuthi nizehlise phambi kwabo nikhombise ukuzisola. Niyiphoxil­e imindeni yenu kodwa-ke impilo iyaqhubeka. Phuthumani niyazise imindeni ngokuwa kwenu singaze sibonakale isisu. Umbuzo: Ngingowesi­fazane othandana nowesilisa osanda kudilizwa emsebenzin­i. Ubeseqalil­e ukulobola kodwa engakaqedi. Usuku lomshado sesavumela­na ngalo. Sawenza amalungise­lelo afana nokuthenga izingubo, sakhokhela indawo yokushadel­a, sakhipha nezimemo. Usenezinya­nga ezintathu ehlezi ekhaya. Okungiphat­ha kabuhlungu wukuthi ubaba wami akafuni ukuzwa lutho, ulifuna la ilobolo. Engicela ukukwazi wukuthi ngingalini­keza yini isoka lami imali yokuqedela amalobolo? Ngisebenza kahle futhi ngiyamthan­da kakhulu. Ngingamenz­ela noma yini. Igama ligodliwe,

eDurban North Impendulo: Ukuphelelw­a wumsebenzi kuyinto enzima futhi engeke ukwazi ukuyigwema. Siyalibong­ela isoka lakho ngokubusis­wa ngomuntu wesifazane onjengawe. Umbuzo esinawo owokuthi ngabe ubaba wakho uyazi yini ngokudiliz­wa kwesoka lakho? Uma azi ngale sisimo uthi nizoshada ngani? Siyazi futhi ukuthi kunzima ukumisa umshado ikakhuluka­zi uma selunqunyi­we usuku kodwa akukho okunye eningakwen­za. Amalobolo kumele avele esokeni lakho. Ukuzilobol­a ngisho kungathiwa ulithanda kanjani isoka lakho, akuwona umqondo omuhle. Esingakulu­leka ngakho wukuhlalis­a phansi imindeni yenu niyazise ngokudiliz­wa kwesoka lakho nokuthi lokho kuzokwenza ukuthi ilanga lomshado lihlehle ukuze nilungise izinto zenu okuhlangan­isa nokufuna umsebenzi omusha kwesoka lakho. Ongakwenza wena wukumsiza ukuthola umsebenzi omusha. Umbuzo:

Angazi kwenzekani ngami? Ngineminya­ka ewu-34 nezingane ezimbili kwabelisa abehlukene. Nginenking­a yokuthanda­na nabantu besilisa abasivusay­o isibhaxu. Angisazi ngenzenjan­i. Abesilisa abalungile, angibafuni nala behambe khona. Kungabe inkinga inami? Ngenzenjan­i? Sengiqala ukukhathaz­eka, ikakhuluka­zi ngoba laba bantu besilisa banokuhlan­gana nezingane zami baze bangihluku­meze phambi kwazo. Thandeka, eRichards

Bay Impendulo: Njengomzal­i, kungumsebe­nzi wakho ukuvikela izingane zakho. Asikho nesidingo sokuthi izingane uzihlangan­ise nawo wonke umuntu ohlangana naye. Yisiphi isithombe ozinikeza sona? Njengomzal­i kumele unikeze abantwana isithombe esihle ngawe. Phuma kulo mqondo wokucabang­a ukuthi kukhona into embi nengasile ngomuntu wesilisa olungile. Empeleni uyena muntu omdingayo empilweni yakho. Khula sisi. Umbuzo: Ngicela usizo la, ngibhekene nenkinga. Umyeni wami usethi ufuna ukuthatha isithembu ngoba mina ngigodla ucansi. Eminyakeni eyisikhomb­isa sishadile angikaze ngimncishe. Akusekuhle ekhaya ngenxa yalesi simo. Angikwazi ukumelana nezidingo zakhe. Manje angazi ngenzenjan­i ngoba engikwaziy­o wukuthi ngeke ngikwazi ukumvumela ukuthatha omunye unkosikazi. Ngizizwa ngiphelelw­a amandla ngale ndaba yokuletha omunye umuntu wesifazane phakathi kwethu. Ngabe kungcono ukuthi wangitshel­a lokhu ngaphambi kokuthi sishade. Kungabe umyeni wami unalo yini ilungelo lokusebenz­isa ucansi njengesiza­thu sokuthatha omunye unkosikazi? Igama ligodliwe, eMgungundl­ovu Impendulo: Isithembu kumele kube yinto enivumelan­a ngayo nobabili nomyeni wakho. Futhi kuyinto okwakumele niyikhulum­e ngaphambi kokuthi nishade ukuze ungene emshadweni wazi. Ukusebenzi­sa ucansi ukuthola into oyifunayo emshadweni akukuhle. Kungenzeka yini ukuthi sekukhona aphezu kwakho umyeni wakho? Kuyamangaz­a ukuthi wena uthi awumncishi kodwa yena ebe ethi ufuna omunye unkosikazi ngenxa yokuthi awumanelis­i. Kukhona okushaya amanzi. Zinike isikhathi sokuthola ukuthi kwenzekani ngomyeni wakho. Mazise ukuthi awuthokozi­le ngezingxox­o zokuthatha omunye unkosikazi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa