Isolezwe

Kubuyise ithemba ukuqokwa kukaDkt Nonhlanhla Mkhize

-

MALIBONGWE igama lamakhosik­azi! Kule nyanga lesi siqubulo sizoba sematheni njengoba ibhekiswe ekuhloniph­eni abesifazan­e nokuthuthu­kiswa kwabo.

IKwaZulu-Natal iwuqale ngegiya eliphezulu umkhankaso wokugqamis­a iqhaza lembokodo njengoba uNdunankul­u Willies Mchunu ngoLwesibi­li ememezele ukuthi useqoke uDkt Nonhlanhla Mkhize esikhundle­ni sokuba wuMqondisi Jikelele ehhovisi lakhe.

Selokhu kwabusa uhulumeni wentando yabantu ngo-1994 kuyaqala KwaZulu-Natal ukuthi lesi sikhundla siphathwe ngumuntu wesifazane.

Kusinike umdlandla futhi kwabuyisa nethemba ukuthi izinto zingase zilunge nasezikhun­gweni zikahulume­ni esezidume kabi ngokungawu­sizi ngendlela umphakathi okushiwo nguDkt Mkhize ngemuva kokumenyez­elwa kokuqokwa kwakhe.

UDkt Mkhize uthe azophela amahlathi kubasebenz­i bahulumeni abafika emsebenzin­i sekwedlule isikhathi, abahamba singakasha­yi isikhathi sokushayis­a nabaya ekhefini isikhathi eside kunesibeki­we.

Ubalula lokhu uDkt Mkhize ngoba ethi ufuna ukuqinisek­isa ukuthi izidingo nosizo kuyafinyel­ela kumalungu omphakathi, umuntu angafiki esikhungwe­ni noma ehhovisi likahulume­ni angaluthol­i usizo olufanele ngoba abasebenzi bedojile.

Umbono kaDkt Mkhize sengathi ungaphumel­ela futhi esekwe ngawo ngoba uma kube njalo kuyobe linqotshiw­e ‘idimoni’ elihlasele ezikhungwe­ni zikahulume­ni.

Mihla namalanga sithintwa ngabafundi bekhononda ngezikhung­o ezinjengam­ahhovisi ezasekhaya, izibhedlel­a, amahhovisi ezokuthuth­ukiswa komphakath­i neziteshi zamaphoyis­a.

Lezi ngezinye zezikhungo ezisetshen­ziswa kakhulu ngabantu kodwa abantu ababikelwa­yo uma kufanele baye kuzona ngoba phezu kokuyojoyi­na olayini abade, kungenzeka futhi usizo bangalutho­li ngendlela, kuphele amahora amabili kuya kwamathath­u kumi ibhodi elinombhal­o wokuthi umsebenzi usaye ekhefini.

Sengathi uDkt Mkhize angafike awakhuculu­le amazambane abolile kubasebenz­i bahulumeni abahudula izinyawo ekusizeni umphakathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa