I-EFF ilwa nokuhlukunyezwa kwabantu
Mxolisi Manyathi ENQUTHU Mpha Shabalala EMNAMBITHI MHLELI: Ngivumele ngisike elijikayo ngodaba oselususe umsindo mayelana nenkulumo yomholi wami uMnuz Julius Malema ngamaNdiya.
Kuyichilo ukuthi abantu bahumushe baphinde bahlulele uMalema ekubeni bengasho okuyikho ngqo akusho. Mina njengomuntu owayekhona eCurries Fountain, uMalema wathi lawo, ngiyaphinda futhi lawo maNdiya ahlukumeza abantu abamnyama ezindaweni zokusebenza adlula ngisho amaBhunu ngendlela abacwasa ngayo. Ebe futhi ekhuluma iqiniso. Ngibona kuzofanele ngisheshe ngikhumbuze abafundi ukuthi kwi-EFF uNobhala jikelele uyiNdiya, uMnu Godrich Gardee.
Pho uma umuntu ezothi siyabandlulula, sibandlulula kanjani ekubeni nathi sinaye umholi oyiNdiya?
Kuphela into esilwa nayo ukuhlukunyezwa kwabantu.
Iqiniso nje elimile elithi lawo maNdiya ahlukumeza aphinde acwase abantu ezindaweni zokusebenza nezokuhlala, kufanele anekelwe izwe, akhuzwe ngokungananazi.
Uma abantu bengavela basho izimo abadlule kuzona behlukunyezwa amaNdiya, abantu bangabona ukuthi bese kudinga umholi oqotho nonesibindi ofana noMalema ukuthi akhuze lo mhlola.
Bangaki abantu asebaphelelwa imisebenzi ngenxa yokuthi eshaye noma eshaywe iNdiya emsebenzini? Bangaki abantu besifazane abasebenzela amaNdiya abanye abaze bahlukunyezwe ngokocansi? Thina esihamba phansi kubantu sithola izinto eziningi ezihlasimulisa umzimba uma uzizwa zenziwa ngamaNdiya kubantu bakithi.
Izigameko ezenzekayo ziyanyantisa. Wayeqinisile umholi wami uma ethi i-EFF kufanele izondle yona ingathembeli kabanye abantu ngoba uma wondliwa wumuntu awukwazi ukumgxeka ngoba wesaba ukuthi uzokuphuca lokhu akuncelisa kona. Pho i-EFF igxekelwani uma ikhuluma iqiniso ngoba ayincenge budlelwano bemali ngesizathu sokuncetheza? Kunesisho esithi iqiniso liyamkhulula umuntu. Nenkulumo yaMalema izokhulula abantu abaningi ekugqilazweni nasekuhlukumezweni amaNdiya. Asifundeni ukumela iqiniso. Nangu uMbongeni Ngema wayikhuluma le ndaba yokuhlukunyezwa kwabantu abamnyama engomeni yakhe ethi amaNdiya. Khumbulani Nene IKhansela le-EFF, EMGUNGUNDLOVU