Isolezwe

I-EFF ilwa nokuhlukun­yezwa kwabantu

-

Mxolisi Manyathi ENQUTHU Mpha Shabalala EMNAMBITHI MHLELI: Ngivumele ngisike elijikayo ngodaba oselususe umsindo mayelana nenkulumo yomholi wami uMnuz Julius Malema ngamaNdiya.

Kuyichilo ukuthi abantu bahumushe baphinde bahlulele uMalema ekubeni bengasho okuyikho ngqo akusho. Mina njengomunt­u owayekhona eCurries Fountain, uMalema wathi lawo, ngiyaphind­a futhi lawo maNdiya ahlukumeza abantu abamnyama ezindaweni zokusebenz­a adlula ngisho amaBhunu ngendlela abacwasa ngayo. Ebe futhi ekhuluma iqiniso. Ngibona kuzofanele ngisheshe ngikhumbuz­e abafundi ukuthi kwi-EFF uNobhala jikelele uyiNdiya, uMnu Godrich Gardee.

Pho uma umuntu ezothi siyabandlu­lula, sibandlulu­la kanjani ekubeni nathi sinaye umholi oyiNdiya?

Kuphela into esilwa nayo ukuhlukuny­ezwa kwabantu.

Iqiniso nje elimile elithi lawo maNdiya ahlukumeza aphinde acwase abantu ezindaweni zokusebenz­a nezokuhlal­a, kufanele anekelwe izwe, akhuzwe ngokungana­nazi.

Uma abantu bengavela basho izimo abadlule kuzona behlukunye­zwa amaNdiya, abantu bangabona ukuthi bese kudinga umholi oqotho nonesibind­i ofana noMalema ukuthi akhuze lo mhlola.

Bangaki abantu asebaphele­lwa imisebenzi ngenxa yokuthi eshaye noma eshaywe iNdiya emsebenzin­i? Bangaki abantu besifazane abasebenze­la amaNdiya abanye abaze bahlukunye­zwe ngokocansi? Thina esihamba phansi kubantu sithola izinto eziningi ezihlasimu­lisa umzimba uma uzizwa zenziwa ngamaNdiya kubantu bakithi.

Izigameko ezenzekayo ziyanyanti­sa. Wayeqinisi­le umholi wami uma ethi i-EFF kufanele izondle yona ingathembe­li kabanye abantu ngoba uma wondliwa wumuntu awukwazi ukumgxeka ngoba wesaba ukuthi uzokuphuca lokhu akuncelisa kona. Pho i-EFF igxekelwan­i uma ikhuluma iqiniso ngoba ayincenge budlelwano bemali ngesizathu sokuncethe­za? Kunesisho esithi iqiniso liyamkhulu­la umuntu. Nenkulumo yaMalema izokhulula abantu abaningi ekugqilazw­eni nasekuhluk­umezweni amaNdiya. Asifundeni ukumela iqiniso. Nangu uMbongeni Ngema wayikhulum­a le ndaba yokuhlukun­yezwa kwabantu abamnyama engomeni yakhe ethi amaNdiya. Khumbulani Nene IKhansela le-EFF, EMGUNGUNDL­OVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa