Ubunzima abumthenanga amand
AKAVUMELANGA ukuthi ubunzima adlule kubo bushabalalise amaphupho akhe owesifazane ofundisa emkhakheni weSociology, e-University of KwaZulu-Natal.
UNksz Sinethemba Sidloyi, unina owamkhulelwa eneminyaka engu-16, uthe akaze alwazi uthando lukamama ayemthatha njengodadewabo ngenxa yokuba mncane. Ukucwila otshwaleni kukanina kwenza wakhuliswa nguninakhulu akhule embiza ngomama. Phezu kwezinkinga zikanina ezimenze wangafana nezinye izingane, uNksz Sidloyi wabuye wadlwengulwa eneminyaka eyisishiyagalolunye, okwenza impilo yakhe ingafani neyezinye izingane.
“Kudala benginentukuthelo, ngigxeka imumva lami kukho konke obekwenzeka. Bekunzima nokukhuluma ngokudlwengulwa kwami kodwa manje senginokuthula okuyisimanga. Manje sengizitshela ukuthi ugogo wenza konke okusemandleni ukuthi abe ngumzali oqotho kimi, okubi okwenzeka kwakudaliwe.”
Indlela akhule ngayo uNksz Sidloyi imenze waba nothando lokusebenza nentsha, athi iningi layo lishintshwa yizimo ekhulele kuzo. UNksz Sidloyi owakhulela elokishini eNgangelizwe, eMthatha, uthe uyakuqonda ukuthi akubona bonke abakwazi ukuphunyuka ezintweni ezimbi ezenzeka emiphakathini.
“Ngibe nenhlanhla yokuthi phezu kokukhula ngibone izinto ezimbi kodwa ngakwazi ukufeza amaphupho ami. Baningi abakhule njengami kodwa abangabanga nenhlanhla yokuba nomuntu oqotho ozobanakekela phezu kwezimo ezimbi abakhule ngaphansi kwazo. Inkinga esinayo emalokishini ukuthi kwande udlame nokusetshenziswa kwezidakamizwa kodwa kushoda abazoba yisibonelo entsheni.”
UNksz Sidloyi owakhula efuna ukuba yiPsychologist, uthe ubefuna ukuqonda ukuthi yini eyenzeka emqondweni womuntu emholela ekutheni enze izinto ezimbi. Esefika enyuvesi wathola ukuthi iSociology iyona ezomenza aqonde kahle imicabango yomuntu.
Kukho konke okumehlele empilweni, uthe wasizwa umthandazo.
“Kunezikhathi lapho bengikhala ngingafuni ukwamukela okwenzeke kimi. Namanje ngisenaso isithombe sokwenzeka ngesikhathi ngidlwengulwa kodwa akusangihlukumezi ngoba umthandazo ungiphe ukuthula.”
Yize engachazanga ukuthi wadlwengulwa ngubani, uthe wayesala nanoma ngubani uma uninakhulu nonina besemsebenzini. Wakhula engamazi noyise njengoba nonina akhulelwa emncane. Usebenzisa izinto adlule kuzo ukuyala intsha ikakhulukazi yesifazane esontweni.