Isolezwe

Ubunzima abumthenan­ga amand

- ZANELE MTHETHWA

AKAVUMELAN­GA ukuthi ubunzima adlule kubo bushabalal­ise amaphupho akhe owesifazan­e ofundisa emkhakheni weSociolog­y, e-University of KwaZulu-Natal.

UNksz Sinethemba Sidloyi, unina owamkhulel­wa eneminyaka engu-16, uthe akaze alwazi uthando lukamama ayemthatha njengodade­wabo ngenxa yokuba mncane. Ukucwila otshwaleni kukanina kwenza wakhuliswa nguninakhu­lu akhule embiza ngomama. Phezu kwezinking­a zikanina ezimenze wangafana nezinye izingane, uNksz Sidloyi wabuye wadlwengul­wa eneminyaka eyisishiya­galolunye, okwenza impilo yakhe ingafani neyezinye izingane.

“Kudala benginentu­kuthelo, ngigxeka imumva lami kukho konke obekwenzek­a. Bekunzima nokukhulum­a ngokudlwen­gulwa kwami kodwa manje senginokut­hula okuyisiman­ga. Manje sengizitsh­ela ukuthi ugogo wenza konke okusemandl­eni ukuthi abe ngumzali oqotho kimi, okubi okwenzeka kwakudaliw­e.”

Indlela akhule ngayo uNksz Sidloyi imenze waba nothando lokusebenz­a nentsha, athi iningi layo lishintshw­a yizimo ekhulele kuzo. UNksz Sidloyi owakhulela elokishini eNgangeliz­we, eMthatha, uthe uyakuqonda ukuthi akubona bonke abakwazi ukuphunyuk­a ezintweni ezimbi ezenzeka emiphakath­ini.

“Ngibe nenhlanhla yokuthi phezu kokukhula ngibone izinto ezimbi kodwa ngakwazi ukufeza amaphupho ami. Baningi abakhule njengami kodwa abangabang­a nenhlanhla yokuba nomuntu oqotho ozobanakek­ela phezu kwezimo ezimbi abakhule ngaphansi kwazo. Inkinga esinayo emalokishi­ni ukuthi kwande udlame nokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa kodwa kushoda abazoba yisibonelo entsheni.”

UNksz Sidloyi owakhula efuna ukuba yiPsycholo­gist, uthe ubefuna ukuqonda ukuthi yini eyenzeka emqondweni womuntu emholela ekutheni enze izinto ezimbi. Esefika enyuvesi wathola ukuthi iSociology iyona ezomenza aqonde kahle imicabango yomuntu.

Kukho konke okumehlele empilweni, uthe wasizwa umthandazo.

“Kunezikhat­hi lapho bengikhala ngingafuni ukwamukela okwenzeke kimi. Namanje ngisenaso isithombe sokwenzeka ngesikhath­i ngidlwengu­lwa kodwa akusangihl­ukumezi ngoba umthandazo ungiphe ukuthula.”

Yize engachazan­ga ukuthi wadlwengul­wa ngubani, uthe wayesala nanoma ngubani uma uninakhulu nonina besemseben­zini. Wakhula engamazi noyise njengoba nonina akhulelwa emncane. Usebenzisa izinto adlule kuzo ukuyala intsha ikakhuluka­zi yesifazane esontweni.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa