Usesebenza nezilwane zasendle obezizonda
AKAZE azicabange esebenza ngezilwane zasendle owesifazane waKwaHlabisa, owakhula ezizonda ngoba zibulala imfuyo kayise.
UNksz Marumo Anele Nene (39), uyiMonitor kwaWildllife ACT okuyinhlangano ezimele esebenza neziqiwi. Usebenzela esiqiwini iMfolozi Park eHluhluwe, nguye yedwa omnyama ethimbeni elibhekene nokuhlola isibalo sezilwane zasendle ezisengcupheni yokushabalala. Yize akhulela eduze kwesiqiwi eHluhluwe, wayegcina ngokuzibona uma edlula ngemoto izilwane njengoba ngezikhathi zobandlululo bekungangenwa noma yikanjani kusona.
“Ngangibona ukusebenza esiqiwini kuyinto yabathize ngoba ekhaya besihlala eduze kwaso kodwa singakaze singene. Ubaba ubefuye zonke izilwane zasekhaya, ngizizonda izilwane zasendle ngoba zidla imfuyo. Bengingenalwazi lokuthi zibaluleke ngani izilwane zasendle kodwa bengizibona ziyisitha somuntu.”
Uthe ishintshile indlela abuka ngayo izilwane zasendle emuva kokuthola ithuba lokuyofunda kabanzi ngazo esiqiwini. Emuva kokuphothula izifundo zePublic Relations Management, kwadingeka ayoqeqeshwa emkhakheni wakhe kodwa esebenza ehhotela elisesiqiwini sakwaKZN Wildlife. Uyise ubevele esenethenda yokusebenza ngaphakathi esiqiwini eMfolozi, okwaba nguye owamkhuthaza ukuthi afake isicelo sokuyoqeqeshwa khona ngo-2003. Ngo-2007 kwavela ithuba lokuqeqeshwa kwabafuna ukuba ngonogada beziqiwi, naye wafaka isicelo. Ukuqeqeshwa kwakhe kumenze agcine esebenza eMkhuze Game Reserve ngaphambi kokuqashwa yiWildlife ACT.
Ngesikhathi eqeqeshwa kwamjabulisa ukusebenza nomphakathi, bewufundisa ngezilwane nangeziqiwi. Uthe bebemema nezikole ukuze abafundi baqonde ngokwenzeka eziqiwini.
“Sengiziqonda kakhulu izilwane futhi ngiyazithanda. Kuyiqiniso ukuthi sonke isilwane siyingozi kodwa asisukeli muntu. Umsebenzi wami uyingozi kodwa kumele ufunde ukuqonda nokuhlonipha zonke izilwane. Ngisho isilwane esingeyona ingozi kakhulu singakubulala uma ungasihloniphi.”
Ukusebenza ngezilwane ezingajoviwe, kwenza kumele ahlale ekhumbula yonke imithetho yokusebenza ngazo ukuze zingamjikeli.
Echaza ngomsebenzi wakhe uthe basebenza kakhulu ngamankentshane njengoba esengcupheni enkulu yokushabalala. Bayasebenza nangamabhubesi, izingwe, izindlovu, obhejane namabhubesi. Ngaphandle kokuqoqa izibalo zalezi zilwane eziqiwini, kumele baqinisekise ukuthi ziphephile ukuze zingashabalali. Lokhu bakwenza ngokuzifaka amabhande entanyeni, ukuze bakwazi ukuzilandela noma zikuphi. Bafaka namakhamera eziqiwini ukuze bakwazi ukuzilandela.
Uthe inhlangano asebenza kuyo ithembela kakhulu kubaxhasi abazimele baphesheya. Isebenza neziqiwi eziyisihlanu kuleli nezinye eziseBotswana.