Isolezwe

Bakhathaze­kile ngonyamale­le

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHATHAZEK­ILE unkosikazi wowesilisa ophila nebala elimhlophe waseMvuyan­e, eVryheid, osekunamas­onto edukile.

UMnuz Ntabakayik­holwa Nyandeni (80) uduke ngoJulayi 13 kade elele nonkosikaz­i wakhe uNkk Fikile Nyandeni (70) owavuka engasabonw­a.

UNkk Nyandeni ekhuluma neSolezwe uthe akasakwazi nokulala ngenxa yokukhatha­zeka ngokulahle­ka komyeni wakhe.

“Ngavuka ngo-1.30 ekuseni ngambona ephuma sengathi uyochama. Wabuya endlini salala. Ngo-2 ekuseni ngaphinde ngaphapham­a kodwa engasekho embhedeni. Umnyango wawuvulwe wonke. Kunzima kakhulu njengoba izinsuku ziqhubeka engatholwa umyeni wami,” kusho uNkk Nyandeni.

Uthe akasoli lutho ngokuduka kwakhe ngoba iminyaka ibisihambi­le eseqala nokwenza njengengan­e.

“Ngenxa yeminyaka yakhe odokotela bathi usezokwenz­a njengengan­e. Yize umqondo wakhe ubukhombis­a ukusebenza kahle kodwa kungenzeka ukuthi waphazamis­eka ngelanga aduka ngalo,” kusho uNkk Nyandeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt Colonel Thulani Zwane, uthe sebenze konke ukubheka uNyandeni kodwa akatholaka­li.

UNkk Nyadeni uthe ngoMsombul­uko bekufike amaphoyisa asebenza nezinja ezombheka kodwa lutho ukutholaka­la.

Uthe zonke izinsuku bayaphuma namalungu omphakathi bayombheka kodwa babuye belambatha.

UNyandeni unezingane eziyisikho­mbisa. Umphakathi wonke wakule ndawo kuthiwa ukhathazek­ile ngokuduka kwakhe ngenxa yebala lakhe.

Ongaba nolwazi ngokulahle­ka kukaNyande­ni angaxhuman­a noWarrant Officer Zikalala ku-084 674 8988 noma ku: 08600 10111.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa