Bakhathazekile ngonyamalele
UKHATHAZEKILE unkosikazi wowesilisa ophila nebala elimhlophe waseMvuyane, eVryheid, osekunamasonto edukile.
UMnuz Ntabakayikholwa Nyandeni (80) uduke ngoJulayi 13 kade elele nonkosikazi wakhe uNkk Fikile Nyandeni (70) owavuka engasabonwa.
UNkk Nyandeni ekhuluma neSolezwe uthe akasakwazi nokulala ngenxa yokukhathazeka ngokulahleka komyeni wakhe.
“Ngavuka ngo-1.30 ekuseni ngambona ephuma sengathi uyochama. Wabuya endlini salala. Ngo-2 ekuseni ngaphinde ngaphaphama kodwa engasekho embhedeni. Umnyango wawuvulwe wonke. Kunzima kakhulu njengoba izinsuku ziqhubeka engatholwa umyeni wami,” kusho uNkk Nyandeni.
Uthe akasoli lutho ngokuduka kwakhe ngoba iminyaka ibisihambile eseqala nokwenza njengengane.
“Ngenxa yeminyaka yakhe odokotela bathi usezokwenza njengengane. Yize umqondo wakhe ubukhombisa ukusebenza kahle kodwa kungenzeka ukuthi waphazamiseka ngelanga aduka ngalo,” kusho uNkk Nyandeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt Colonel Thulani Zwane, uthe sebenze konke ukubheka uNyandeni kodwa akatholakali.
UNkk Nyadeni uthe ngoMsombuluko bekufike amaphoyisa asebenza nezinja ezombheka kodwa lutho ukutholakala.
Uthe zonke izinsuku bayaphuma namalungu omphakathi bayombheka kodwa babuye belambatha.
UNyandeni unezingane eziyisikhombisa. Umphakathi wonke wakule ndawo kuthiwa ukhathazekile ngokuduka kwakhe ngenxa yebala lakhe.
Ongaba nolwazi ngokulahleka kukaNyandeni angaxhumana noWarrant Officer Zikalala ku-084 674 8988 noma ku: 08600 10111.