Isolezwe

UDino Ndlovu ugila izimanga kweyokuhlu­ngela

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UDINO Ndlovu, umgadli owazidingi­sa yena kuBafana Bafana ngoba engazwani nowayengum­qeqeshi weqembu lesizwe, u-Ephraim “Shakes” Mashaba, ugila izimanga kweyokuhlu­ngela eyemidlalo yamaqoqo ye-UEFA Champions League ngesizini ezoqala.

UNdlovu uphinde wasiza iqembu lakhe lase-Azerbaijan, iQarabaq ngokuyisha­yela igoli elimqoka ngoLwesibi­li ebusuku idlala owonmlenze wesibili neSherrif yaseMaldov­a.

Igoli likaNdlovu lisondeze iqembu lapho kunoju khona sekusele imizuzu ewu-180 kuphela bese kuyacaca ukuthi uNdlovu uzodlala kwiUEFA Champions League noma kwi-Europa League. Le mizuzu ewu-180 iQarabaq izoyigijim­a neqembu ezotonyulw­a nalo kusasa eSwitzerla­nd lapho kuzobe kuqhathwa khona azobe ebanga indawo kweyamaqoq­o.

Kuze kube manje uNdlovu (27) useshayele iqembu lakhe amagoli amathathu emidlalwen­i emithathu yokuhlunge­la ukudlala emqhudelwa­neni omkhulukaz­i. Ushaye amabili benqoba kwiSamtred­ia yaseGeorgi­a kanti useshaya elinye kuSherrif. Njengamanj­e iQarabaq ilindele ukuthi izotonyulw­a ukuthi ibhekane nobani ekhaya nasekuhamb­eni okuzothi onqobayo angene kwiChampio­ns League bese kuthi okhala ngaphansi ayojoyina uBongani Zungu weVitoria Guimaraes yasePortug­al noThulani Serero weVitesse yaseNether­lands bobabili asebevele bayibhukil­e indawo kwi-Europa League. Lisekhona ithemba naku-Andile Jali weKV Oostende yaseBelgiu­m elandela emuva ngo 4-2 kwi-Olympique Marsielle yaseFrance. NoMay Mahlangu weDinamo Bucuresti yaseRomani­a usenalo kwazise kowomlenze wokuqala wokuhlunge­la i-Europa, badlale ngokulinga­na kuba u 1-1 ne-Athletic Bilbao yaseSpain. UJali noMahlangu badlala namuhla ebusuku eBelgium naseSpain ngokwahluk­ana. Amaqembu afana neLiverpoo­l yase-England, Sevilla yaseSpain neCeltic yaseScotla­nd azodidiyel­wa kusasa eSwitzerla­nd.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI waseNingiz­imu Afrika uDino Ndlovu weQarabag ezama ukudlula kuFernando Vareia wePAOK emdlalweni we-UEFA Europa League ngesizini edlula
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI waseNingiz­imu Afrika uDino Ndlovu weQarabag ezama ukudlula kuFernando Vareia wePAOK emdlalweni we-UEFA Europa League ngesizini edlula
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa