Isolezwe

Uzophathis­a uPitso ngekhanda

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUZOBA nzima kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ukuqoka unozinti kule sizini ezokwethwa­sa uma ezohamba emazwini akhe unozinti omusha weqembu uRazak Brimah waseGhana owethembis­e umbango oshubile wejezi lonozinti.

UBrimah (30), ongunozint­i wokuqina weqembu lesizwe laseGhana, usayine kwiSundown­s inkontilek­a yeminyaka emihlanu okusho ukuthi umbango uzoshuba phakathi kwakhe, Dennis Onyango, ongunozint­i ovelele e-Afrika, noKennedy Mweene, ongunombol­o 1 eqenjini lesizwe laseZambia. UThela Ngobeni kulindelek­e ukuthi aphinde abolekiswe kanti uWayne Sandilands usengumdla­li we-Orlando Pirates.

Ekhuluma nabezindab­a okokuqala esengumdla­li weSundowns, uBrimah ucacise ngokumsayi­nise kwiSundown­s nakho konke akuzele eqenjini likaPatric­e Motsepe.

“Ngiqome ukusayina kwiSundown­s ngoba iyawina futhi ingompetha base-Afrika okuyizinto zonke enginothan­do lokuhlanga­niswa nazo. Okunye okungisizi­le ngathatha lesi sinqumo abadlali engibaziyo aseke badlalela iDowns eminyakeni edlule.”

UBrimah utshele abezindaba ukuthi usebe wunozinti wokuqina weGhana iminyaka ecela kwemihlanu kanti nakuwona wonke amaqembu abewadlale­la kusukela esuka eGhana, wadlulela eGermany, Spain nasePortug­al lapho ebebolekis­we khona, uhlale njalo engunombol­o 1.

“Ngazi kahle ukuthi ngeke kube lula ukuthatha ijezi lapha ngoba kukhona unozinti ovelele e-Afrika nomunye osebe owokuqina eqenjini lakhe iminyaka. Okwami wukusebenz­a kakhulu kunakuqala ngisebenzi­se amava ami bese konke ngikushiya kumqeqeshi noMdali. Yibona abazobona ukuthi ubani okufanele abe ngunombolo 1 kwiSundown­s,” usho kanje ngokukhulu ukuzethemb­a.

Uthe ubengakaqa­li ukuziqeqes­ha nozakwabo abasha kodwa akasakwazi ukulinda ngenxa yakutshelw­e abangani bakhe ngempilo yakwiSundo­wns ebuswa ukunqoba yonke imidlalo ebhekana nayo.

Ukufika kukaBrimah kuqubule imibuzo ngekusasa loRicardo Nascimento waseBrazil (okuvela ukuthi ngeke abhaliswe kwiPSL kule sizini ngoba uzohlala izinyanga eziyisithu­pha elapha ukulimala). Abanye abadlali bangaphand­le kwiSundown­s uFares Hachi wase-Algeria, Yannick Zakri wase-Ivory Coast, Leonardo Castro (Colombia), Bangaly Soumahoro (Ivory Coast), Fiston noRazak waseBurund­i. UMokgakolo­di Ngele waseBotswa­na noCuthbert Malajila waseZimbab­we abasonyake­ni wesihlanu ngaphambi kokuba babhaliswe njengabaku­leli kuyacaca ukuthi bazoboleki­swa futhi.

UThuswa akazange athande ukuphawula ngezinhlel­o zeSundowns mayelana nesimo ezithola ikusona ngabadlali abangebona abokuzalwa kuleli.

 ??  ?? RAZAK BRIMAH
RAZAK BRIMAH

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa