IChiefs ihlela ukuzinza eThekwini
BAZOZITIKA ngemidlalo yeKaizer Chiefs eThekwini eminyakeni emithathu ezayo abalandeli baleli qembu eseliqede amasizini amabili lingawinanga lutho.
Lezi zindaba zivele ngesikhathi Isolezwe lilumana indlebe noVusi Mazibuko oyimenenja yaseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngesizini edlule iChiefs ithathe imidlalo yayo emithathu kwengu-15 yasekhaya yayishova eMabhida. Idlale ngokulingana ngo 0-0 neBaroka FC, yathela othulini i-Ajax Cape Town ngo-2-0 yase iqumba phansi iHighlands Park ngo-1-0.
“Izingxoxo zihamba kahle kakhulu. Kumele kuphele leli sonto sesiqede yonke into. Sikhulumela ekutheni iChiefs ihlale eThekwini iminyaka emithathu. Okunye esikubhekile wukwandisa imidlalo. Sifuna ukusingatha imidlalo engaphezu kwemithathu yeChiefs. Sesivele sesiwuqinisekisile oweMTN 8 ngo-Agasti 12 lapho iChiefs izobe idlala khona neSuperSport United,” kusho uMazibuko. IMabhida isizakhele igama ngokusingatha imidlalo enonhlonze. “IChiefs ikuthakasele ukubuyela eThekwini futhi nathi sikujabulele ukubuya kwayo kule nkundla. IMabhida ifana nekhaya lesibili leChiefs. Yesekwa ngendlela eyisimanga uma idlala kule nkundla. Isicelo sami kubantu wukuthi bagcine isikhathi, bathenge amathikithi kusenesikhathi bese behlisa kancane emanzini amponjwana. Ucwaningo luveza ukuthi u-70% wamathikithi ngesizini edlule ubuthengwa ngosuku lomdlalo. Lokhu bekwenza kube nzima ukuhlela umdlalo,” kusho uMazibuko.
Lesi sikhulu siphinde saveza ukuthi basezinhlelweni zokuthi basingathe imidlalo engaphezu kuka-10 yeqophelo eliphezulu kule sizini ka-2017/2018.
“Kule sizini sifuna ukusingatha imidlalo yeChiefs engaphezu kwemithathu. Phezu kwalokho sibheke ukusingatha imidlalo emibili yokuhlunga (i-Africa Cup of Nations neNdebe yoMhlaba) yeBafana Bafana. KweyePremier Soccer League sifuna imidlalo emibili noma owodwa wamanqamu. ILamontville Golden Arrows naMaZulu siyaxoxa nabo ukuthi imidlalo yabo emikhulu bayilethe lapha eMoses Mabhida.
“Sihlose ukusingatha imidlalo engu-12 kuya ku-15 yeqophelo eliphezulu. INelson Mandela Bay Stadium izosingatha ewu15 yasekhaya yeChippa, iPeter Mokaba Stadium izosingatha ewu-15 yasekhaya yePolokwane City. Sesivumelene neSouth Africa Football Association ngokusingatha umdlalo weCape Verde ongoSepthemba. Lo mdlalo ngowokuhlungela iNdebe yoMhlaba,” kusho uMazibuko.