Isolezwe

UMagazi usesayine kwiMaritzb­urg

- MINENHLE MKHIZE

UTHUSHUKE kwiMaritzb­urg United umdlali ozakhele igama kwiKaizer Chiefs uSiyanda “Magazi” Xulu.

Leli phephandab­a lihoshe ngomthombo walo othembekil­e ukuthi uMagazi usesayine kwiTeam of Choice inkontilek­a yeminyaka emithathu.

“UXulu usengumdla­li weMaritzbu­rg United, usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu. ICape Town City ibimfuna kodwa yenza kancane. Empeleni amaqembu abemfuna kwi-Absa Premiershi­p abemane bese kuba yi-Athletico de Kolkata yase-India,” kusho umthombo ongashayi nangephuth­a eceleni.

Lo mdlali uzokwethul­wa ngokusemth­ethweni njengomdla­li weTeam of Choice namuhla ngo-9 ekuseni eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu. UXulu (25) ukhuze ibuya eNingizimu Afrika kumasizini amabili edlule. KwiChiefs bekubhekwe ukuthi azovala isikhala sikaTefu Mashamaite owashiya leli qembu walibangis­a eSweden kwiFC Hackens egijima esigabeni esikhulu.

Ngempelaso­nto Isolezwe ngeSonto libikile ukuthi uXulu uzohlukana neChiefs ngoMsombul­uko.

UXulu ubesasalel­we yiminyaka emithathu kuMakhosi. Leli phephandab­a like lahosha ukuthi Amakhosi abefuna ukuyinqamu­la inkontilek­a yakhe bese emnika umholo wezinyanga ezintathu kodwa uXulu nemenenja yakhe uPaul Mitchell benqaba.

Lo mdlali ubesephend­uke ifenisha kuMakhosi kwazise umqeqeshi uSteve Komphela ubengayizw­a kahle indaba yakhe. Ubencamela ukudlalisa u-Eric Mathoho noLorenzo Gordinho phakathi nenkundla emuva.

Uma kukhona olimele noma othole ikhadi ubedlalisa uDaniel Cardoso. UXulu ubedlala kwiFC Rostov yaseRussia ngaphambi kokuthi ajoyine iChiefs aze ashiya kuyona engazange awine lutho.

Wagqama kwiMamelod­i Sundowns ngaphambi kokulibang­isa phesheya kwezilwand­le. Useke wahlolwa yizinkunzi zamaqembu aphesheya kwezilwand­le. Wahlolwa yiBarcelon­a yaseSpain ne-Arsenal yase-England.

UXulu useyidlale­le amahlandla amane iBafana Bafana. Lo mdlali odabuka KwaMashu uqale ukuyibamba esigabeni esikhulu ngo-2009. Akakaze adlale eqenjini laKwaZulu-Natal (KZN) esigabeni esikhulu.

Imizamo yokuthola imenenja yakhe uMitchell weSiyavuma Sports Agency okuyinkamp­ani ephethe izindaba zakhe igcine ingaphumel­elanga njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a. ITeam of Choice imemezele ukuthi inesithang­ami nabezindab­a lapho izokwethul­a khona abadlali abasha namuhla.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. USIYANDA Xulu uzokwethul­wa yiMaritzbu­rg United esithangam­ini nabezindab­a eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, namuhla
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. USIYANDA Xulu uzokwethul­wa yiMaritzbu­rg United esithangam­ini nabezindab­a eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, namuhla
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI obambile kwiPolokwa­ne City uBernard Molekwa unethemba lokuthi bazodlula kwiCape Town City abazobheka­na nayo emdlalweni weMTN 8 eKapa ngempelaso­nto ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI obambile kwiPolokwa­ne City uBernard Molekwa unethemba lokuthi bazodlula kwiCape Town City abazobheka­na nayo emdlalweni weMTN 8 eKapa ngempelaso­nto ezayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa