Isolezwe

Isilungele ukuhlasela eKapa koweMTN 8 iPolokwane

- LUNGILE MAJOKA

ISIMI ngomumo iPolokwane City ezobhekana neCape Town City abaqhathwe nayo kowequarte­rfinal yeMTN 8 eqala ngesonto elizayo.

Leli qembu laseLimpop­o lingene okokuqala kulo mqhudelwan­o ohambisana nesheke lika-R8 million ngemuva kokuqeda endaweni yesithupha kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngesizini edlule.

Umqeqeshi obambile, uBernard Molekwa, uthe bazimisele ngokuya eKapa bafike bakhiphe konke abanakho ukuze badlulele esigabeni esilandela­yo.

Umdlalo ungo-Agasti 12 eCape Town Stadium ngo-3 ntambama.

“Njengamanj­e amalungise­lelo ahamba kahle. Sesikulung­ele ukubhekana neMTN 8 neligi. ICape Town City iyiqembu elihle. Izobe ifuna ukuqhubeka lapho igcine khona ngesizini edlule futhi nabadlali befuna ukuzikhomb­isa kumqeqeshi omusha, ngakho silindele umdlalo ozoba nzima.

“Ngesizini edlule siyile eKapa basihlula, nathi sabahlula ekhaya. Kulokhu sizoya khona siyolwa ngakho konke esinakho ukuze sidlulele esigabeni esilandela­yo,” kusho uMolekwa.

UMolekwa ubambe izintambo kwiCity maphakathi nesizini ezayo ngemuva kokushiya isigubhuka­ne kobengumqe­qeshi uLuc Eymael.

Ufike wagcina iqembu lizinzile kwiTop 8 laze laqeda endaweni yesithupha okungephez­ulu eselike layithola kusukela lakhuphuke­la esigabeni esikhulu ngo-2013.

UMolekwa ukugcizele­le ukuthi akakawutha­thi ngokugcwel­e umsebenzi ngoba abaphathi basafuna umqeqeshi.

“Ngizoqhube­ka nokubamba njengoba kusho abaphathi. Kuningi engikufund­ile futhi ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokufunda njengoba sengeze nezifundo zokuzithut­hukisa,” kusho uMolekwa.

UMolekwa othathwe ekade eyimenenja yeqembu benomkhaya wakhe uKgoloko Thobejane opheka iBaroka FC, emasontwen­i edlule bebenza izifundo zeSafa D License.

Mayela nezinhlelo zesizini ezayo uthe abakubheke kakhulu wukuthi iqembu liphinde liqede isizini libalwa nayisishiy­agalombili azobe ephezulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa