Akusebenzekanga kahle: Kjell
IQHUBEKILE nokupheka ithulula abaqeqeshi i-Orlando Pirates njengoba izolo kugcine kuqinisekisiwe ukuthi sekuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kwayo noKjell Jonevret.
UJonevret ubengumqeqeshi wesishiyagalolunye ukupheka Ezimnyama kusukela kwashiya uRudi Krol ngo-2011 owayesehlale iminyaka emithathu wanqobela iqembu izindebe ezintathu.
Ukuhamba kukaJonevret ofike ngoFebhuwari bese kuyindaba ekhulunywayo vele njengoba kukhonjwa uMilutin “Micho” Sredojevic waseSerbia ukuthi athathe izintambo.
USredojevic uzobe engaqali ukupheka iBucs njengoba wahlala izinyanga eziyisithupha ngoJuni 2006-Januwari 2007. Isikhulu esiphezulu kwiBucs, uFloyd Mbele, izolo ngemuva kokukhishwa kwesitatimende, asifunanga ukuyiphatha eyomqeqeshi ozongena endaweni kaJonevret.
“Hhayi ngicela ubheke isitatimende. Okwamanje akukho engizokusho njengoba umqeqeshi esule namuhla (izolo). Kumele kuhlalwe phansi kukhulunywe.”
Uthe bebengayilindele eyokuthi umqeqeshi angase esule. Ube esecela ukuthi athintwe ngoLwesihlanu (kusasa).
Esitatimendeni, uJonevret waseSweden, obenikezwe inkontileka yeminyaka emithathu ucashunwe ethi ushiya ngoba kungahambanga ngendlela abebefisa ngayo.
“Ngithanda ukubonga iqembu ngethuba elinginike lona. Ngebhadi akusebenzanga ngendlela ebesihlele ngayo. Ngifisela iqembu nabalandeli konke okuhle ngomuso,” kusho uJonevret.
Usihlalo u-Irvin Khoza naye akandanga ngamazwi wafisela umqeqeshi okuhle.
UKjell “usula” nje, ngempelasonto edlule ngemuva kokushaywa iKaizer Chiefs kwiCarling Black Label Cup, utshele abezindaba ukuthi akanavalo ngokushiya iBucs, uma kuwukuthi isimtholile umqeqeshi wayo “wamaphupho”. Ubekusho lokhu kwazise bese kusabalele ukuthi uzokhonjwa indlela kuleli sonto njengoba iPirates isiqedile noSredojevic otheleke kuleli ngemuva kokusula njengomqeqeshi weqembu lesizwe lase-Uganda.
UJonevret uhlulekile wukufaka iPirates kwiTop 8 ngesizini edlule. Uyifice idunguzela njengoba ibidlalela ngasemaqenjini abevika izembe. Igcine ngokuqeda endaweni ka-11 log. Ngemuva kokufaka iqembu kowamanqamu weNedbank Cup, bafike kuwona babhabhadiswa iSuperSport United ngo 4-1.
Ngesizini edlule iPirates ibisiphenduke ihlaya ngokushaywa ngembudlu. Yaqalwa yiyo i-United iyithela phansi ngo 6-1 koweligi nokwaholela ekutheni uMuhsin Ertugral angalali, asule ngeemail ezintatha.
Kubambe u-Augusto Palacious okhululwe ngokushesha ngemuva kwesibhaxu sika 6-0 abasithole kuMamelodi Sundowns, kwalandwa uJonevret obengenamlando otheni wokuqeqesha ngaphandle kwaseSweden.
Umbuzo oqhamukayo owokuthi ngabe uSredojevic noma ngabe ubani ozoqashwa, uzoza namuphi umlingo wokubuyisa izinsuku zenjabulo kumaBhakabhaka agcina ngo2014 enqoba iNedbank Cup?
Kusukela lapho amathambo awahlangani, izinto zilokhu ziya ngokuba mnyama kuleli qembu laseSoweto.
Abaqeqeshi bePirates ngemuva kukaKrol
2008-2011 - Rudi Krol (Absa Premiership, MTN 8 neNedbank Cup).
2011-2012 - Julio Leal (MTN 8, Telkom Knockout)
2012 Mashi-2012 Septhemba - Augusto Palacios (Absa Premiership).
2012 Septhemba - 2014 Roger De Sa.
2014 Januwari - 2014 Febhuwari - Eric Tinkler (ebambile).
2014-2015 - Vladimir Vermezovic (Nedbank Cup). 2015-2016 - Eric Tinkler. 2016 Juni - 2016 Novemba Muhsin Ertugral. 2016-2017 - Augusto Palacios. 2017 Febhuwari -2017 Agasti - Kjell Jonevret.