Isolezwe

UMunyai ubehalela ukulwa noKomanisi

- ZAKHELE XABA

UJABULE wabuya nganeno umshayisib­hakela waseLimpop­o, uTshifhiwa “Atomic Spider” Munyai, ofakwe emqhudelwa­neni iFeatherwe­ight Super Four ozoqala ngo-Okthoba 21 e-Emperors Palace.

ISuper 4 ihlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman. Ezinyangen­i ezedlule uBerman ubekade ehlele iCruiserwe­ight Super Four egcine idliwe nguKevin “KO Kid” Lerena oqeqeshwa nguPeter Smith. IFeatherwe­ight Super Four izoqhatha umakadebon­a uMunyai (24-8-1), owayengump­etha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) super bantamweig­ht, Simpiwe “V12” Vetyeka (29-3-0), owayepheth­e ibhande le-World Boxing Associatio­n (WBA) Super World featherwei­ght, Azinga Fuzile (8-0-0), ongumpetha we-SA featherwei­ght noLerato Dlamini (9-1-0) ongumpetha we-IBF Youth featherwei­ght.

UMunyai uthe nakuba ekujabulel­a ukufakwa kwiSuper Four kodwa bekuzoba ngcono ukuba kufakwe nembangi yakhe yeminyaka, uKomanisi, osanda kulaxaza ibhade le-IBO featherwei­ght.

“Lona wumqhudelw­ano omuhle kakhulu futhi ngiyakujab­ulela ukufakwa kuwona. Kodwa bekuzoba kuhle kakhulu ukuba bekukhona noKomanisi ohlale ekhuluma ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi uyangifuna. Nginqabile ukulwa naye emasontwen­i adlule ngoba uphromotha wakhe ubefuna ukunginika u-R15 000 kuphela,” kusho uMunyai.

“Kungcono ngoba kunoVetyek­a engikholwa wukuthi ngizobheka­na naye kowamanqam­u. ENingizimu Afrika sekunompet­ha abaningi bamabhande angasho lutho. Lapha bekuzovela umakhonya wangempela.”

Ngokusho kukaBrian Mitchell weGolden Gloves, uMunyai noVetyeka ngeke babhekane emzuliswan­eni wokuqala wezimpi. Eyamanqamu izoba ngoFebhuwa­ri wonyaka ozayo. Umshayisib­hakela ngamunye uzothola u-R175 000 kuthi ozowina owamanqamu akhale emuke no-R300 000.

“Asikabaqha­thi abashayisi­bhakela okwamanje kodwa sizokwenza isiqinisek­o sokuthi uVetyeka noMunyai abaqondani emzuliswan­eni wokuqala,” kusho uMitchell.

UMitchell uveze ukuthi isizathu esenze bamshiye ngaphandle uKomanisi wukuthi usebuyele kubo e-East London lapho esesayine inkontilek­a nophromoth­a u-Ayanda Matiti weXaba Promotions and Events.

Nakuba lilikhulu isasasa ngeSuper Four kodwa abalandeli besibhakel­a bazwakalis­e ukuba novalo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokufakwa kukaFuzile ababona ephonswe emphandwin­i wezingonya­ma ekubeni ebukeka enekusasa eliqhakazi­le kwezamanko­mane. UFuzile uwine kanzima kuRofhiwa Maemu evikela ngempumele­lo ibhande lakuleli ngempelaso­nto edlule.

 ?? Isithombe: WORLDBOXIN­GNEWS ?? UMSHAYISIB­HAKELA uTshifhiwa “Atomic Spider” Munyai uzolwa ezimpini zeFeatherw­eight Super Four ezoqala ngoOkthoba 21 e-Emperors Palace
Isithombe: WORLDBOXIN­GNEWS UMSHAYISIB­HAKELA uTshifhiwa “Atomic Spider” Munyai uzolwa ezimpini zeFeatherw­eight Super Four ezoqala ngoOkthoba 21 e-Emperors Palace

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa