Isolezwe

Ayisakwazi ukulinda indodana yomqeqeshi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

INDODANA kaJohann Ackermann ongumqeqes­hi we-Emirates Airlines Lions, uRuan, akulula ukukholwa ukuthi izodlala kowamanqam­u weVodacom Super Rugby neCanterbu­ry Crusaders ngoMgqibel­o ngo-4 ntambama, e-Emirates Airlines Park, eGoli.

Phezulu eqhulwini kokwenza uRuan angabe esakwazi ukulinda lolu suku, ukuthi udlala kowamanqam­u nje, babhekene neCrusader­s enomlando wokudla lesi sicoco amahlandla ayisikhomb­isa kanti uzobe elandela imiyalelo kayise. Kuzobe kuwumdlalo onzima kuyena lo mdlali kanjalo nakuyise ngoba kuzobe kungowokug­cina uJohann eqeqesha iLions ngaphambi kokuyoqala impilo entsha eqenjini lase-England.

ILions izobe idlala owamanqamu weSuper Rugby okwesibili iminyaka ilandelana kwazise ishaywe yiHurrican­es ngo 20-3 ngonyaka odlule eWellingto­n, eNew Zealand.

“Kuningi okuhle ngalo mdlalo emndenini wami. Osekusele ukuthi siqede umsebenzi ngoMgqibel­o yize sazi kahle kamhlophe ukuthi kuzoba nzima kanjani. Ubaba uwushayela okokugcina umkhumbi weLions kanti ngidlala kowamanqam­u weSuper Rugby ngiqeqeshw­a nguye. Okunye futhi okwenza ngilulanga­zelele kakhulu lolu suku ukuthi sizobe sidlala phambi kwabalande­li bethu abaphoxeki­le ngonyaka odlule ngakho-ke sinethuba lokulungis­a iphutha,” kusho lo mdlali oyivale thaqa indawo kakaputeni olimele uWarren Whiteley.

NgokukaJoh­ann, iLions kumele ikhohlwe ngale midlalo emibili edlule ngoba lo abazowudla­la ngoMgqibel­o uzobe uhlukile.

“Angilingab­azi nakancane iqembu lami kodwa inkinga enginayo ukuthi iCrusaders ihluke kunawo wonke amaqembu esike sabhekana nawo kule sizini. Kusemqoka ukuthi singayiguq­uli indlela esidlala ngayo kodwa sandise umfutho nendluzula. Uma livela ithuba lokucindez­ela iCrusaders akufanele sicabange kabili kepha kufanele sihlale phezu kwayo singabe sisayidede­la,” kusho uJohann.

Kusenjalo luyaqhubek­a ushikishi lweCurrie Cup nakule mpelasonto njengoba imidlalo yayo izobe ithe chithisaka. Imidlalo yeCurrie Cup: Kusasa: Sharks v Griquas (Growthpoin­t Kings Park, 7pm). NgoMgqibel­o: Western Province v Pumas (DHL Newlands, 1pm).

Blue Bulls v Golden Lions (Loftus Versfeld, 7pm).

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa