Isolezwe

Bazohlwaya abadlali kwiNkandla Cup

- INTATHELI YESOLEZWE

KULINDELEK­E nesinedolo emidlalwen­i yeNkandla Mayoral Cup ngoMgqibel­o eNkandla Stadium njengoba kumenywe amaqembu adlala kwiPSL.

Ngaphandle kwawePSL abantu bazokujabu­lela ukubona abasakazi boKhozi FM begadulisa­na namakhanse­la kaMasipala waseNkandl­a. Kuzoke kume kancane ukuqagulis­ana ngezindaba zentuthuko emakhansel­eni kanjalo nabasakazi bazoke bame ukumpongol­oza emsakazwen­i kodwa badlise ibhola utshani. Kuyaziwa ukuthi lapho kudlala khona abasakazi boKhozi kuphuma nesinedolo.

Amaqembu ePSL azobe edlala kule midlalo yiJomo Cosmos naMaZulu F.C.

IMeya kaMasipala waseNkandl­a uThamsanqa Ntuli ithe bameme nabafunela amaqembu ePSL abadlali ukuba bafike bezobheka abadlali abangase babathathe. Uthe kuzobe kukhona abazobheke­la iCosmos, Lamontvill­e Golden Arrows, Richards Bay FC, AmaZulu, Mamelodi Sundowns nabamanye.

“Ngale midlalo sihlose ukufukula izinga lezemidlla­lo endaweni yangakithi. Sifuna abadlali babonwe amaqembu amakhulu ukuze abathathe. Unyaka wesine yenziwa iMayoral Cup, ngibona idlondloba­la. Kuzokube kukhona nebhola lezinyawo labesifaza­ne. Kunabashay­i sibhakela eNkandla nabo abazoveza ikhono labo. Kulo nyaka sisebenzis­ana noMnyango wezeMpilo, uzohlola abafuna ukwazi ngezifo zabo. Abadayisa emigwaqwen­i bazothola ithuba lokudayisa impahla yabo ngalolu suku.”

Uphinde waveza ukuthi kuzoqokwa isikwati sabadlali baseNkandl­a abangu-22 abazoqhude­lana bodwa bebukwa abamele amaqembu ePSL.

“Yilapho-ke izinhloli zizokhetha khona abadlali abazobe besenkundl­eni. Angingabaz­i ukuthi bakhona abadlali abazothath­wa. Likhona ikhono eNkandla abamaqembu bazobuyela emuva bejabule ngenxa yekhono abazobe belibonile. Kuzoba nabaculi abazonandi­sa okubalwa kubona iGcokama, TDK, Mamillion, uZakwe nabendawo. Kubekwe imali elinganise­lwa ku-R25 000. Ozonqoba esikwatini saseNkandl­a uzothola u-R15 000 isibili u-R10 000.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa