UDino Ndlovu ugila izimanga kweyokuhlungela
UDINO Ndlovu, umgadli owazidingisa yena kuBafana Bafana ngoba engazwani nowayengumqeqeshi weqembu lesizwe, u-Ephraim “Shakes” Mashaba, ugila izimanga kweyokuhlungela eyemidlalo yamaqoqo ye-UEFA Champions League ngesizini ezoqala.
UNdlovu uphinde wasiza iqembu lakhe lase-Azerbaijan, iQarabaq ngokuyishayela igoli elimqoka ngoLwesibili ebusuku idlala owonmlenze wesibili neSherrif yaseMaldova.
Igoli likaNdlovu lisondeze iqembu lapho kunoju khona sekusele imizuzu ewu-180 kuphela bese kuyacaca ukuthi uNdlovu uzodlala kwiUEFA Champions League noma kwi-Europa League. Le mizuzu ewu-180 iQarabaq izoyigijima neqembu ezotonyulwa nalo kusasa eSwitzerland lapho kuzobe kuqhathwa khona azobe ebanga indawo kweyamaqoqo.
Kuze kube manje uNdlovu (27) useshayele iqembu lakhe amagoli amathathu emidlalweni emithathu yokuhlungela ukudlala emqhudelwaneni omkhulukazi. Ushaye amabili benqoba kwiSamtredia yaseGeorgia kanti useshaya elinye kuSherrif. Njengamanje iQarabaq ilindele ukuthi izotonyulwa ukuthi ibhekane nobani ekhaya nasekuhambeni okuzothi onqobayo angene kwiChampions League bese kuthi okhala ngaphansi ayojoyina uBongani Zungu weVitoria Guimaraes yasePortugal noThulani Serero weVitesse yaseNetherlands bobabili asebevele bayibhukile indawo kwi-Europa League. Lisekhona ithemba naku-Andile Jali weKV Oostende yaseBelgium elandela emuva ngo 4-2 kwi-Olympique Marsielle yaseFrance. NoMay Mahlangu weDinamo Bucuresti yaseRomania usenalo kwazise kowomlenze wokuqala wokuhlungela i-Europa, badlale ngokulingana kuba u 1-1 ne-Athletic Bilbao yaseSpain. UJali noMahlangu badlala namuhla ebusuku eBelgium naseSpain ngokwahlukana. Amaqembu afana neLiverpool yase-England, Sevilla yaseSpain neCeltic yaseScotland azodidiyelwa kusasa eSwitzerland.