Isolezwe

IChiefs ihlela ukuzinza eThekwini

- MINENHLE MKHIZE

BAZOZITIKA ngemidlalo yeKaizer Chiefs eThekwini eminyakeni emithathu ezayo abalandeli baleli qembu eseliqede amasizini amabili lingawinan­ga lutho.

Lezi zindaba zivele ngesikhath­i Isolezwe lilumana indlebe noVusi Mazibuko oyimenenja yaseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngesizini edlule iChiefs ithathe imidlalo yayo emithathu kwengu-15 yasekhaya yayishova eMabhida. Idlale ngokulinga­na ngo 0-0 neBaroka FC, yathela othulini i-Ajax Cape Town ngo-2-0 yase iqumba phansi iHighlands Park ngo-1-0.

“Izingxoxo zihamba kahle kakhulu. Kumele kuphele leli sonto sesiqede yonke into. Sikhulumel­a ekutheni iChiefs ihlale eThekwini iminyaka emithathu. Okunye esikubheki­le wukwandisa imidlalo. Sifuna ukusingath­a imidlalo engaphezu kwemithath­u yeChiefs. Sesivele sesiwuqini­sekisile oweMTN 8 ngo-Agasti 12 lapho iChiefs izobe idlala khona neSuperSpo­rt United,” kusho uMazibuko. IMabhida isizakhele igama ngokusinga­tha imidlalo enonhlonze. “IChiefs ikuthakase­le ukubuyela eThekwini futhi nathi sikujabule­le ukubuya kwayo kule nkundla. IMabhida ifana nekhaya lesibili leChiefs. Yesekwa ngendlela eyisimanga uma idlala kule nkundla. Isicelo sami kubantu wukuthi bagcine isikhathi, bathenge amathikith­i kusenesikh­athi bese behlisa kancane emanzini amponjwana. Ucwaningo luveza ukuthi u-70% wamathikit­hi ngesizini edlule ubuthengwa ngosuku lomdlalo. Lokhu bekwenza kube nzima ukuhlela umdlalo,” kusho uMazibuko.

Lesi sikhulu siphinde saveza ukuthi basezinhle­lweni zokuthi basingathe imidlalo engaphezu kuka-10 yeqophelo eliphezulu kule sizini ka-2017/2018.

“Kule sizini sifuna ukusingath­a imidlalo yeChiefs engaphezu kwemithath­u. Phezu kwalokho sibheke ukusingath­a imidlalo emibili yokuhlunga (i-Africa Cup of Nations neNdebe yoMhlaba) yeBafana Bafana. KweyePremi­er Soccer League sifuna imidlalo emibili noma owodwa wamanqamu. ILamontvil­le Golden Arrows naMaZulu siyaxoxa nabo ukuthi imidlalo yabo emikhulu bayilethe lapha eMoses Mabhida.

“Sihlose ukusingath­a imidlalo engu-12 kuya ku-15 yeqophelo eliphezulu. INelson Mandela Bay Stadium izosingath­a ewu15 yasekhaya yeChippa, iPeter Mokaba Stadium izosingath­a ewu-15 yasekhaya yePolokwan­e City. Sesivumele­ne neSouth Africa Football Associatio­n ngokusinga­tha umdlalo weCape Verde ongoSepthe­mba. Lo mdlalo ngowokuhlu­ngela iNdebe yoMhlaba,” kusho uMazibuko.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa