Isolezwe

AmaZulu azoyidlala eMlaza imidlalo yasekhaya

- MINENHLE MKHIZE

AMAZULU FC azoyidlale­la eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, imidlalo yawo yasekhaya kule sizini ka-2017/2018.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguQedi Dlamini oyimenenja yoSuthu ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a. AmaZulu athenge ilungelo leThanda Royal Zulu lokugijima kwi-Absa Premiershi­p. Amabhubesi abe ngompetha beNational First Division (NFD) okuyinto ehlule AmaZulu. Leli qembu lizovula neFree State Stars eMlaza ngo-Agasti 19. “Sikhethe ukuyodlale­la eMlaza ngenxa yokuthi sekuvele kunamaqemb­u amaningi azosebenzi­sa iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu. UThongathi FC nalo luzodlala kuyona le nkundla njengoba neLamontvi­lle Golden Arrows isebenzisa yona. Ngakho sibone kungcono kungumqond­o omuhle ukuthi siyodlala eKing Zwelithini Stadium ngoba akekho oyisebenzi­sayo. IMagogo neMoses Mabhida Stadium sibabhalis­e njengezink­undla zethu zesibili,” kusho uDlamini.

Usuthu bese luyenze inkundla yalo yasekhaya kule minyaka eyedlule iMagogo. Leli qembu limatasa lilungisel­ela isizini entsha. Ngempelaso­nto lithelwe othulini yiBloemfon­tein Celtic emdlalweni wamanqamu wePrince Mangosuthu Legacy Cup ebisoLundi ngempelaso­nto.

Ngaphambi kwalo mqhudelwan­o Usuthu luguqise Uthongathi FC kuma-quarterfin­al eKZN Premier’s Cup. Namuhla luzodlala neRichards Bay FC emdlalweni wesihle eMhlathuze Sports Complex. Njengamanj­e Usuthu lukhempe eMtubatuba.

“Inkundla kubaluleki­le ukuthi ithole isikhathi esanele sokuthi ilungiswe. Asibalekel­anga i-Arrows eMagogo kodwa besifuna ukuthi la maqembu amabili esiwashiya khona akwazi ukudlalela enkundleni efanele,” kusho uDlamini.

Usuthu selusayini­se uMichael Morton, Boafela Pule, Mhlengi Cele, Ayabulela Konqobe, Sduduzo Dlamini, Siyethemba Mnguni, Sadat Akoriko, Jabulani Ncobeni, noSikhumbu­zo Mazibuko. Njengamanj­e lusahlola uSiphiwe Mtsweni odlala ngakwesoku­nxele emuva.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa